U-Eymael uzokwazi maduze ukuthi uyavumeleka yini ukusebenza kuleli

U-Eymael uzokwazi maduze ukuthi uyavumeleka yini ukusebenza kuleli
ULuc Eymael
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ikomidi leSAFA ebeliholwa yijaji uSisi Khampempe lisigodle isinqumo salo ngesicelo sikaLuc Eymael.

Lo mqeqeshi wenqatshelwa ukuba asebenze kuleli kanti usefake isicelo sokuba kuguqulwe isinqumo sokumvimba ukusebenza eNingizimu Afrika.

Wanqatshelwa kulandela ukukhuluma kwakhe okwamveza njengomuntu ocwasa ngokwebala ngesikhathi esebenza eTanzania.

U-Eymael wabiza abalandeli beYoung Africans ngezinkawu ezingazi lutho ngaphandle kokukhonkotha.

Lokhu wakusho ekhuluma ngemuva komdlalo ababehlulwe kuwo kanti abalandeli babengeneme neze ngaye.

IChippa United izame kwaze kwaba kabili ngesizini edlule ukumqasha kodwa yenqatshelwa ngoba engavumelekile ukuzosebenza kuleli.

“Ikomidi eliholwa nguJaji Sisi Khampempe kuthe ngoLwesihlanu lo mhla ka-17 kuSepthemba lalalela icala likamqeqeshi uLuc Eymael osolwa ngokucwasa ngebala.

“Umqeqeshi u-Eymael ubemelwe yimenenja yakhe kanti isinqumo sigodliwe,” besifundeka kanje isitatimende seSAFA.

FUNDA NALA: UBenni uyeyisa futhi akabahloniphi abanye abaqeqeshi

Lo mqeqeshi ongowokudabuka eBelgium uvele ungumuntu ohlale elandelwa yzinkulumo lapho ekhona.

KwiPolokwane City wamiswa cishe unyaka wonke eholelwa esekhaya. EkwiFree State Stars waxabana noSteve Komphela owayekwiKaizer Chiefs ngaleso sikhathi.

Ingxabano yabo yaqalwa wukuthi lo mqeqeshi alibeke ngembaba elokuthi engayipheka kangcono yena iChiefs.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.