U-Igor uqhathe iGalaxy nenduku ethola ikhadi elibomvu zisuka nje

U-Igor uqhathe iGalaxy nenduku ethola ikhadi elibomvu zisuka nje
U-Igor Makitan
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Cishe uzoswela umgodi wokucasha u-Igor Makitan weTS Galaxy ngemuva kokuthi iphutha lakhe liqhathe leli qembu nesibhaxu esibi.

UMakitan uthole ikhadi elibomvu umdlalo usanda kuphela bebhekene neMarumo Gallants kwiDStv Premiership ngoLwesithathu kusihlwa.

Leli qembu likaTim Sukazi ligcine lishaywe ngo 3-1 ngenxa yokuthi alikwazanga ukuphinde libuye emdlalweni ngemuva kokukhishwa kukaMakitan.

IGalaxy iwuqale kahle umdlalo ikhomba ukuthi kukhona efuna ukukukwenza kulo mdlalo.

Bekuyiyo elawula umdlalo futhi yakha amathuba amahle obekwenza iGallants ihlasele sakuzuma.

USphiwe Mahlangu uke wazithola eyedwa ebhokisini leGallants ibhola lisonyaweni.

Ubengakhahlelela ipali kodwa yena wazama ukuliphasela uMxolisi Macuphu obeqhamuka ngakwesokunxele.

UThabo Nonyane uve eseqhamuka elikhipha lelo bhola kwaba wukuphunyuka kwelihle ithuba kwezikaSead Ramovic.

Kuthe sekuyohlangana imizuzu angu-20 umdlalo uqalile, iGallants yazama ukuputshuka iyohlasela.

Lokhu kwenze u-Igor Makitan wabona sekudlule isikhathi ukuthi uLerato Manzini uzomshiya wabe esemdlokoloza ndendololwane.

Ube esekhishwa ngekhadi elibomvu okushintshe isivuvu somdlalo saya ngakwiGallants.

Akuzange kuyithathe isikhathi eside ukuthi ikusebenzise lokhu njengoba kuthe ngomzuzu ka-34, yalishaya igoli lokuqala.

UNonyane uzithole engamakwe muntu ebhokisini leGalaxy, wahlangana nekhona ebigotshwe uJoseph Molangoana walingqofela enethini.

IGallants ibe seyiwulawula umdlalo sekuyiyo ecindezelayo njengoba abeGallaxy ububona ukuthi sebemincele ukuthi kuyiwe ekhefini beyozihlela kabusha.

Leli qembu elisanda kuqasha uDan Malesela njengomqeqeshi libe selithola igoli lesibili ngomzuzu ka-39, lishaywa uSibusiso Kumalo.

FUNDA NALA: IChiefs izimisele ukuyiphilisa nzima iSundowns

URamovic wenze izinguquko ezintathu ekuqaleni kwesiwombe sesibili ezama ukubuya kulo mdlalo.

Ukhiphe oMacuphu, Mahlangu noLindokuhle Mbatha wafaka oMcBerth Mahlangu, Ethan Brooks noWayde Lekay ezindaweni zabo.

Nokho lezi zinguquko azizange zisize ngalutho njengoba iGalaxy beyisahubha izithunzi.

IGallants yiyo ebubuya iphindelela emapalini eRockets futhi kube kaningi la bekufanele ilithole khona elinye igoli.

ULetsie Koapeng ube nebhadi ibhola lakhe liyoshaya ipali selimdlile unozinti weGalaxy ngomzuzu ka-66.

UKoapeng ugcine ugcine elitholile igoli ngomzuzu ka-84 ngesikhathi eqedela umnyakazo omuhle weGallants.

ULekay ulivalele enethini elokubika leGalaxy nokuthe ibhola libuyela esenta unompempe wawuqeda umdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.