U-Itumeleng Khune uzomqhatha nokuphathwa yikhanda uBaxter kwiChiefs

U-Itumeleng Khune uzomqhatha nokuphathwa yikhanda uBaxter kwiChiefs
U-Itumeleng Khune
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

Akwaziwa ukuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uzoyithini indaba yokudlalisa ukaputeni weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune kule sizini.

UBaxter uyena ofike kwiChiefs wabuyisela ibhande likakaputeni kuKhune obewukudla kwebhentshi ngesizini edlule.

Lo mqeqeshi ukugcizelele ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi uKhune nguyena ukaputeni weChiefs.

Nokho kushayise amakhala ukubona kuqala uBruce Bvuma emidlalweni emibili yokuqala yeDStv Premiership.

UKhune uwudlalile umdlalo weMTN 8 ngesikhathi iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns. Ngabe yini eyenze ukuthi kuvimbe uBvuma emidlalweni yokuqala yeligi?

“U-Itu akukho okonakele ngaye. Akukho futhi okungekuhle akwenzile ngesikhathi sidlala neSundowns,” kusho uBaxter.

“Sicabange ukuthi lona kuzoba umdlalo onzima nozodonsa, okuyinto eyenzekile. Besidinga umuntu ozoshabasheka ebhokisini, ngakho sibone ukuthi uBruce uyena obefanelwe yilokho.
“Ngikhulumile no-Itu ngaphambi kokuthi sihambe, ngathi ngeke ngikufake ebhentshini ngoba kungcono uhlale la usale uzicija.”

Yize echaza kanje uBaxter kodwa kubukeka sengathi lisazomudla ibhentshi uKhune. Angithi kusekhona abanye onozinti abasalindile oBrandon Peterseon noDaniel Akpeyi.

UBaxter uphinde wacacisa ukuthi kungani kuba uBernard Parker ogqoka ibhande likakaputeni uma engekho uKhune.

“Sicabanga ukuthi njengamanje njengoba uBernard engumdlali omdala kwiChiefs kumfanele lokho (ukuba ukaputeni).

FUNDA NALA: ULuthulu akeneme kwiRoyal AM, ufuna ukuyodlala kwiChippa

“Uma sehla njalo bese sibone omunye ephakamisa isandla siyocabanga kabusha. Nokho okwamanje u-Itu ungukaputeni uma edlala kanti uBernard uyiphini lakhe,” kuchaza uBaxter.

IChiefs igcine ithole amaphuzu amathathu ngesikhathi ishaya iBaroka emdlalweni wePremiership ngoLwesithathu.

Izobuyela enkundleni ngomdlalo onzima njengoba izobhekana neSundowns ngoSepthemba 12. Kule mpelasonto kudlalwa iMTN 8.

Ngemuva kwale midlalo kuzobe sekuqala iviki lemidlalo yamazwe ngamazwe eligunyazwe yiFIFA.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.