U-Ofori ufuna basule izinyembezi zabalandeli ngeseConfed Cup

U-Ofori ufuna basule izinyembezi zabalandeli ngeseConfed Cup
URichard Ofori
OkaDonga Gumbi

Unozinti we-Orlando Pirates uRichard Ofori ubuye ekulimaleni sewuphakathi umqhudelwano weCaf Confederation Cup, kodwa ube nesandla ekutheni leli qembu lifike kowamanqamu. 

Amabhakhaniya azogadulisana neRS Berkane yaseMorocco eGodswill Akpabio Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.

U-Ofori ukholwa wukuthi bazokwenza okubhekiwe, babuye nayo indebe ukuze basule izinyembezi zabalandeli baleli qembu benze neNingizimu Afrika izigqaje. 

“Yonke into igcine ihlangana njengoba sesingene kowamanqamu nje. Akubanga lula, bekunzima ukuzungeza i-Afrika,” kusho lo nozinti ongowokuzalwa eGhana.

“Kwesinye isikhathi besiba sendleleni amahora angu-14 noma 15 okwenza sibe sincane isikhathi sokuphumula.” 

Yize iPirates yenze kahle kulo mqhudelwano, ekhaya khona iphinde babhudazela njengoba ingatholanga lutho ezindebeni ezikhona. 

Cishe yikho lokhu okwenza u-Ofori nozakwabo babone kufanele balwe ngayo yonke indlela ukubuya naso lesi sicoco seConfed Cup.  

“Kumele ngibabongele ozakwethu ngomsebenzi omuhle esiwenzile kule ndebe yize kwiligi singenzanga kahle.

“Kodwa ke manje vele kumele sike sikhohlwe yiligi sibhekane nalo mdlalo wendebe ngoba sesikowamanqamu manje. 

FUNDA NALA: IChiefs ijike ukwenza ivuma icala lokudikila imidlalo ngoDisemba

“Okubalulekile wukuthi sibuye nayo le ndebe. Akukuningi esingakusho njengamanje ngoba sisazodlala owamanqamu futhi okubalulekile wukubeka izingqondo zethu ekuwineni le ndebe.” 

Umqeqeshi wePirates uFadlu Davids naye ubancomile abadlali ngemizamo yabo egcine ithelile njengoba sekusele kancane nje bangene endumisweni. 

“Akubanga lula neze futhi abadlali kudingeke baqine ngokwemiqondo ukuze bakwazi ukufika kuleli banga esesikulo. 

“Kumele sibancome ngoba bekungelula neze kule ndlela eingugingqigongqo,” kuchaza uDavids.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.