U-Onyango akafuni bamzele ngobuso uLarsen kwiNedbank

UDenis Onyango
Sihle Ndlovu

Unozinti weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, uthi kunzima ukulungiselela ukudlala namaqembu angagijimi kwiDStv Premiership, ngoba awekho amavidiyo awo.

Usho kanjena nje u-Onyango yingoba iSundowns iqhathwe neSummerfield Dynamos FC, kwi-quarterfinal yeNedbank Cup ngesikhathi kuqhathwa amaqembu ngoMsombuluko eGoli.

“INedbank Cup iyinkinga ngoba uma uzodlala neqembu elifana neSummerfield, akukho lapho uzolibuka khona ulicubungule,” kusho u-Onyango.

“Usuke ungazi ukuthi bayingozi kangakanani. Kodwa uyazi futhi ukuthi bangashaya noma yiliphi iqembu, njengoba sesibonile amaqembu ewashiswa amajezi yilawo athathwa njengamancane.

“Kumele sisebenze kanzima ukuthola kabanzi ngabo. Kumele sazi ukuthi yini okumele siyilindele, akufani nakwiChampions League lapho imidlalo ikwithelevishini njalo.”

Leli qembu eliqeqeshwa uClinton Larsen lidlulele kuma-quarterfinal ngemuva kokushaya iBlack Eagles ngo 1-0 eChatsworth Stadium ngeSonto.

IDynamos igijima kwi-ABC Motsepe League, KwaZulu-Natal, kanti isethubeni lokuzibekisela indawo emidlalweni kazwelonke yokuhlunga iqembu elizonyukela kwiGladAfrica Championship.

“Awekho amaqembu amancane uma usufike kuma-quartefinal kwiNedbank Cup. Lena yindebe yamaphupho, ngakho kuyiphupho nakwiSummerfield ukudlala neSundowns,” kubeka lo nozinti wase-Uganda.

“Kumele singawuthathi kancane lo mdlalo. Uma ubuka iSummerfield inabadlali abambalwa asebeke badlala kwiPremier Soccer League (PSL).

“Umqeqeshi wabo unamava kakhulu ngoba useke waqeqesha kwiPSL, hhayi kanye, kaningi. Okwethu ukuthi sizame ukuwina sidlulele kweyandulela owamanqamu.”

ISundowns idlale neqembu le-ABC Motsepe League (yaseFree State) iMathaithai FC kwiLast 16 yeNedbank Cup. Leli qembu ilishaye ngo 6-0.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.