U-Onyango uncoma umsebenzi omuhle owenziwa uMweene kwiDowns

U-Onyango ufuna iSundowns isebenze kusakhanya kwiChampions League
UKennedy Mweene
OkaDonga Gumbi

Ukuwina imidlalo yasekhaya yikhona okuzosiza iMamelodi Sundowns ingazitholi seyigaxele odakeni kwiCaf Champions League.

ISundowns izoqala umkhankaso wayo esigabeni samaqoqo ne-Al Hilal yaseSudan emdlalweni ozoba seRoyal Bafokeng Stadium eRustenburg ngoLwesihlanu ngo-6 kusihlwa.

Unozinti weSundowns obuye abe ngukaputeni uDenis Onyango uthi kumele basebenze kakhulu ekhaya ukuzehlisela isisindo ekuhambeni.

“Iqembu lisebenze kanzima kulezi zinsuku ezimbalwa ezidlule. Sidlale imidlalo emibili ezinsukwini ezine kodwa okuhle ukuthi sikwazile ukuthola imiphumela emihle.

“Manje sesizobhekana neqembu elifana ne-Al Hilal ebelikhona eqoqweni elthu nangonyaka odlule okwenza sithoel ithuba lokuzibheka sibone ukuthi senza njani emidlalweni esayidalal nabo.

“Esikwazi kahle wukuthi bayiqembu okunzima ukudlala nalo, bayaluqinisa unyawo bes ebekucindezela futhi akulula ukubagqekeza uma ubahlasela,” kusho lo nozinti.

U-Onyango uyazi ukuthi njengoba bebe nenhlanhla yokuthi bawuqalele ekhaya umkhankaso wabo nje, akumele badlale ngalo leli thuba.

FUNDA NALA: Ayimthusi nakancane iSanto uMalesela weGallants

“Kumele siqale kahle emidlalweni yamaqoqo ngoba umdlalo olandelayo usekuhambeni ngakho kumele sithle umphumela omuhle ekhaya.

“Lokhu kuzosifaka umfutho uma sesiya emdlalweni olandelayo futhi vele okubalulekile kithi ukuthola imiphumela emihle,” kuchaza u-Onyango.

Uthe akumkhathazi ukuthi uzithola elibuka nabalandeli ibhola kulezi zinsuku njengoba bekuvimbe uKennedy Mweene nje kule midlalo emibili edlule.

“Ngisazama ukubuyela eqenjini, bengingekho kule midlalo emibili edlule futhi uKennedy wenze umsebenzi omuhle.

“Akangenelwanga goli futhi uvimbe amabhola abemabi emdlalweni weChippa United, kuyakhombisa ukuthi uwenz akahle umsebenzi.

“MIna okufanele ngikwenze wukumeseka bese ngilinda ithuba lami, konke kulele kubaqeqeshi (ukuthi baqoka bani), thina njengonozinti kumele sesekane nje kuphela.

“Okubalulekile wukuthi odlalayo awakhiphe wonke amangwevu futhi uKennedy uyakwenza lokho njengamanje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.