U-Otladisa uthi iGallants iyishiya kude kakhulu iChiefs ngebhola

U-Otladisa uthi iGallants iyishiya kude kakhulu iChiefs ngebhola
UKatlego Otladisa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UKatlego Otladisa weMarumo Gallants uthi babe nebhadi nje ukuthi bagcine bengakwazanga ukuzitamuzela nabo kwiKaizer Chiefs ababambane nayo ngo 0-0 ngeSonto kusihlwa.

IGallants ihlulwe amathuba kulo mdlalo weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium kanti iChiefs yona iyosindela unozinti uDaniel Akpeyi obevimba amabhola anzima.

Yikho lokhu okwenze u-Otladisa, oqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo, abone bezenzele phansi ngokungayishayi iChiefs.

“Sihlale kumacebo esiwanikwe umqeqeshi. Besazi ukuthi nabo banengcindezi njenganthi,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-25.

“Umqeqeshi usitshelile ukuthi singabanikezi izikhala zokudlala esiswini ngoba uma sikhuluma iqiniso nje, sidlala ibhola elingcono kunabo.

FUNDA NALA: Selidayisiwe iqembu ebelifuna ukuthenga isitifiketi seMaritzburg

“Yithi ebesiphethe ibhola isikhathi esiningi kunabo, futhi besihlose ukuthi sibahlasele ngokuzumisa kodwa asikwazanga ukusebenzisa amathuba ethu.

“Kube yibhadi nje. Kwenzeke into efanayo nasemdlalweni wethu odlule. Cishe esikudingayo manje yinhlanhla,” kuqhuba yena.

U-Otladisa, oke wadlala nakwiMamelodi Sundowns uke wazanyelwa kwiChiefs ngaphambi kokuya kwiGallants kodwa yamchitha.

Ubezenzela nje kwiChiefs ohlangothini lwesinxele kanti kungenxa yokujika kwakhe okuze kwaholela ekutheni uSifiso Hlanti akhishwe ngekhadi elibomvu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.