U-Rhoo noMbazo besese ngokubuyela kukaTau e-England

Sihle Ndlovu

Bazishaya isifuba ngoPercy “Lion of Juda” Tau, ababengokaputeni beBafana Bafana, uLucas “Rhoo” Radebe no-Aaron “Mbazo” Mokoena.

UTau usematheni kulezi zinsuku ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi ubuyele eqenjini lakhe ebelimbolekise emaqenjini ehlukene selokhu asayina kulona kumasizini edlule.

Lo mdlali weBafana, oneminyaka engu-26, ubuyele kwiBrighton & Hove Albion yase-England, edlala kwi-English Premier League. Kumasizini edlule uTau ubebolekiswe kwiRoyale Union Saint-Gilloise, Club Brugge ne-Anderlcht, okungamaqembu aseBelgium. Kuleli lizwe uTau uzakhele igama eshaya amagoli, ewina nezindebe.

Bobabili uRadebe noMokena bake bayibamba e-England bashiya bezakhele elihle igama khona.

URadebe, owadlalela iLeeds United iminyaka engu-12, uthe kuyinto enhle kakhulu ukuthi lo mdlali waseSecunda usezoyibamba nenkunzi e-England.

“Ngicabanga ukuthi sonke besilokhu silindele izindaba ezimnandi ebezizosijabulisa, zenze abalandeli bebhola besase. Izindaba zokuthi uTau ubuyele kwi-Albion zehla kamnandi kakhulu. Ngicabanga ukuthi kumfanele lokhu, usebekezele ngokwanele,” kusho uRadebe ekhuluma ne-ENCA ngoLwesihlanu.

“Uthole amava amakhulu ngokubolekiswa kwakhe eBelgium. Ngicabanga ukuthi uzofika enze into yamehlo kuleli qembu. Leli yithuba likaPercy lokuthi abakhombise ukuthi uphetheni eqenjini asayina kulona esuka eNingizimu Afrika.”

UMokoena, owadlalela iBlackburn Rover nePortsmouth e-England, uhambe emazwini kaRadebe.

“Ngaxoxa noPercy ngaphambi kokuthi asayine kwiBrighton. Ngathi kuyena, ngiyazi ukuthi ufuna ukudlala ibhola ezingeni eliphezulu. Indlela engcono yokwenza lokho ukuthi uyojika eNetherlands, Belgium, uthole isipiliyoni bese uya kwiBrighton. Uma sewuya kwiBrighton uyobe sewazi kahle ukuthi yini okumele uyenze. I-EPL ayilula neze,” kusho uMokoena.

“Ngiyethemba ukuthi uTau uzovulela abadlali abakhona manje kwiPSL iminyango. Ukuze yenze kahle iBafana sidinga ukuthi babe baningi abadlali abaya kula maligi bese benze kahle. Njengoba eshilo uLucas ngu-2021, kumnandi ukubona abadlali abafana noTau besenza simamatheke njengabathandi bebhola.”

UTau kubhekeke ukuthi adlale umdlalo wakhe wokuqala wePremier League uma iBrighton seyibhekene neManchester City ngoJanuwari 13, e-Etihad Stadium.