U-The Rock angase athole impi ngoMashi

Sihle Ndlovu

Uthandazela ukuthi kuhlangane konke ngempi angase ayithole ngoMashi uThabiso “The Rock” Mchunu ongumpetha we-WBC Silver cruiserweight.

UMchunu wagcina ukungena eringini ngesikhathi ehlula uDenis Lebedev waseRussia, ngo-2019, bebanga lona leli bhande leWBC Silver cruiserweight. Lalikade lingaphethwe yimuntu ngemuva kokuthi lishiywe ngu-Ilunga “Junior” Makabu, oqeqeshwa nguDamien Durandt.

Ngemuva kokwehlulwa wuMchunu ngo-2019, uLebedev wakhetha ukuwagaxa emgibeni amagilavu akhe.

Njengabo bonke abezemidlalo emhlabeni, uMchunu, oqeqeqeshwa nguSean Smith, uhlale u-2020 wonke engalwi ngenxa yokubheduka kweCoronavirus. Lo mshayibhakela uthe ukubheke ngabomvu ukuthi kuhlangane konke mayelana nempi angase ayilwe ngoMashi.

“U-2020 usilimaze kakhulu singabashayisibhakela. Besinezinhlelo ezigcine zishabalele ngenxa yeCoronavirus. Bengingalwa izimpi ezinkulu ezimbili noma ezintathu ngonyaka odlule kodwa kwangenzeka,” kusho uMchunu.

“Kunempi ehlelwayo engingase ngiyilwe ngoMashi phesheya. Okwamanje akukho okuphathekayo kodwa kungase kuphele isonto, noma kuqale elizayo, sengazi konke mayelana nale mpi. Kuyathembisa futhi ngingajabula kakhulu uma kungagcina kuhlangene.”

UMchunu uthe ubezama ukuzilolonga yize kuqale kwaba nzima ukwenza lokho ngesikhathi kusaqala ilockdown ngoMashi nyakenye.

“Ngesikhathi siku-level 5 bekunzima ukujima kodwa umuntu ubezama antshontshe agijime uma ethola ithuba. Kona bekunzima impela ukuhlala endlini singaphumi ngoba umuntu usajwayela ukujima. Noma kungathiwa ngiyasiyeka isibhakela ngiyohlale ngijima ngoba sekusegazini,” kubeka uMchunu.

Uthe ngokwabaxhasi balimale kakhulu ngenxa yokungalwi unyaka wonke.

“Ngo-Ephreli nangoMeyi abaxhasi bebesekhona. Nokho kuthe uma kushaya uJuni bebona ukuthi isimo asishintshi bahoxa. Namanje izinto zihamba kancane kakhulu kodwa kithina esisezingeni elingcono akufani. Kuhamba kancane kakhulu kwabanye abashayibhakela.”

Ebuzwa yintatheli ye-impempe.com ukuthi ungumqemane kangakanani njengoba kade agcina ukulwa, uthe: “Njengamanje ngingathi ngiku-70% ngokuba ngumqemane. Nokho sengiyajima ngokuphelele manje, akufani nangesikhathi siku-level 5.”

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.