U-The Rock asimsabisi isimo sezulu saseRussia lapho eyolwa khona

UThabiso Mchunu (kwesokunxele) uthi isemi ngomumo ngempi azoyilwa eRussia ngoMgqibelo

SIHLE NDLOVU

UThabiso “The Rock” Mchunu, ongumshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uthi bafike kahle kakhulu eRussia lapho eyolwa khona no-Evgeny Tishchenko empini yokugcina yokuhlungela isicoco somhlaba.

UMchunu uzovikela ibhande lakhe leWBC  Cruiserweight kuTishchenko ngoMgqibelo ntambama, e-Ekatarinburg, eRussia.

Ngokusho kukaThe Rock, oqatha ngokomzimba, akukho akubona kuzomvimba ukuthi abuye nalo ibhande eRussia ngoba ungumqemane ngayo yonke indlela. UTishchenko ozolwa naye wawina indondo yegolide kuma-Oympic Games eRio, eBrazil, ngo-2016. Ukuwina kukaMchunu le mpi kuzombeka ebuhleni njengoba ezothola ithuba lokulwela iWBC Gold, okuyibhande elihlonishwayo emhlabeni.

“Sesikhona eRussia mfwethu, sahamba ngoLwesihlanu olwedlule. Sisuke eNingizimu Afrika saya eDubai, saya eMoscow, ukusuka eMoscow sase siza lapha sikhona nokuyilapho ngilwela khona, e-Ekatarinburg. Isimo sezulu asifani nakancane, yingakho nje sizame ukusheshe seza. Kodwa umehluko wesikhathi lapha nalapho (eNingizimu Afrika) amahora amathathu. Siphambili ngamahora amathathu lapha,” kuchaza uMchunu obekhuluma nentatheli ye impempe.com ekhona eRussia ngoLwesibili ekuseni.

Ngokusho kwalo mshayibhakela uziqeqeshe kahle kakhulu eseseMzansi futhi naseRussia ufike waqhubeka lapho egcine khona eMzansi njengoba kusele izinsuku ezimbalwa kube wusuku lwempi.

“Yonke into ihambe kahle kakhulu ngisesemuva (eNingizimu Afrika), nalapha sengijimile kancane, ngazama ukuzijwayeza nesimo sezulu. Yonke into isahamba kahle, ngicabanga ukuthi kuzoba nesithangami nabezindaba, sikalwe izisindo bese kuba yimpi,” kuqhuba uMchunu.

Ngokwesikhathi saseRussia impi izokuba ngo-6 ntambama ngoMgqibelo, nokuchaza ukuthi kuleli kuzobe kungu-3 ntambama ngenxa yokushiyana kwezikhathi.

“Umehluko nje lapha ukuthi kumakhaza kodwa asiphumeli emnyango kangako. Siphuma nje uma sigibela emotweni siya lapho siya khona. Ngaphakathi ezindlini kufudumele kakhulu kodwa ngaphandle liyakhithika. Sekujwayelekile futhi vele sengike ngeza lapha phambilini, ngakho yisimo engisijwayele, akuyona into engingathi yintsha kimina.

“Akukho engingathi kusiphazamisile, sekuzosala lonake usuku lwangoMgqibelo ukuthi umuntu ayokwenza umsebenzi, abuye nesicoco, abuye ejabulile, kujabule nabalandeli abangesekayo,” kuphetha uMchunu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.