UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sithunyelwe
Uzwakalise okukhulu ukujabula uDisemba Elius Nkosi, ongumnini ka-Trouble Maker, ihhashi eliwine iDundee July ka-2021 ngoMgqibelo.
Leli hhashi beligitshelwe uLungani Gamede oneminyaka engu-21, ngesikhathi lishaya intambo eDundee.
UNkosi uveze ukuthi leli hhashi beliqala ukugijima lo mjaho njengoba libhincisele nxanye amahhashi abebhekwe ukuthi adle umhlanganiso.
Lapha sibala amahhashi afana noSigwebo Sentambo, Nxakanxaka noComputer, angalibonanga elidlalayo.
“Leli hhashi ngalithenga linamasonto amathathu lizelwe. Ngaletha igama elithi Trouble Maker ngoba ngangifuna liyodalela abantu izinkinga, hhayi mina,” kusho UNkosi obesese kakhulu.
“Ngijabule kakhulu. Abaningi babethi nginewala uma ngithathe leli hhashi. Ayiminingi imijaho eseliyigijimile.”
UNkosi oneminyaka engu-56, uveze ukuthi ubuye abe ngumlimi kodwa unothando olukhulu lwamahhashi.