UBabar ushaye into yomhlaba iPakistan ibhaxabula amaProteas

UBabar Azam wePakistan

SIHLE NDLOVU

INingizimu Afrika isengcupheni yokushaywa ochungechungeni lwemidlalo emine yeT20 eyidlala nePakistan kulandela ukubhaxabulwa ngamawikhethi ayisishiyagalolunye emdlalweni wesithathu eSuperSport Park, eCenturion, ngoLwesithathu.

Ukushaywa kwamaProteas kuchaza ukuthi iPakistan seyihamba phambili ngo 2-1 kule midlalo yeT20. Umdlalo wokugcina ungoLwesihlanu khona eCenturion, kanti kubukeka sengathi yiPakistan ezogcina idle umhlanganiso.

Okwenza kubukeke engeke esalibona elidlalayo ukuthi nasemidlalweni yosuku olulodwa ayidlale nePakistan eSuperSport Park, ahluleke ancama ukuwina kule nkundla. NakweyeT20 kubukeka kuyinto efanayo ngoba umdlalo wesibili owinwe amaProteas la maqembu abedlalela eWanderers Stadium, eGoli.

Iqembu lakuleli lihluleke lancama ukukhipha uBabar Azam, owenze ama-run angu-122 noRizwan, ohlanganise ama-run angu-73 engaphumanga. Laba badlali bebelishaya lapho bethanda khona ibhola besukela ama-run angu-204 ukuze iPakistan iwine. UBabar (122) ugcine ekhishwe uLizaad Williams kodwa umonakalo ubusuvele umkhulu.

Kulo mdlalo ithosi iwinwe yiPakistan yakhetha ukushwiba kuqala. Kubukeke sengathi yenze iphutha ngendlela abadlali abavulayo bamaProteas abebelishaya ngayo ibhola.

U-Aiden Makram uphume esenze ama-run angu-63 emabholeni angu-31, kanti uJanneman Malan wenze 55 emabholeni angu-40. Omunye umdlali owenze kangcono uRassie van der Dussen owenze ama-run angu-34 engaphumanga, kwathi uGeorge Linde washaya angu-22 emabholeni angu-10.

Nokho ama-run angu-203 abengenele ukuwina kwiPakistan njengoba uBabar noRizwan bevele bagoloza ukuphuma.

Ukuwina kwePakistan kusho ukuthi ngeke ishaywe kule midlalo emine yeT20, kunalokho uma iwina umdlalo wokugcina ingawina le midlalo ngo 3-1.

Ngasohlangothini lweNingizimu Afrika isizodlalela ukuthi imidlalo iphele ngo 2-2 uma iwina umdlalo wokugcina eCenturion.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *