Ubabeke kuMdali ukuba abaxolele abamgqekezele oweMaritzburg

Ubabeke kuMdali ukuba abaxolele umdlali ogqekezelwe
UTravis Graham
OkaDonga Gumbi

Umdlali wasesiswini weMaritzburg United useveze ukuthi wehlelwe yishwa lokuthi agqekezelwe emzini wakhe oseKapa.

Lesi sehlakalo senzeke ngempelasonto futhi kuntshontshwe wonke amajezi akhe abewagcinile njengoba eyisikhumbuzo samaqembu asedlale kuwo kule minyaka eyishumi edlule.

UGaraham, oneminyaka engu-24, waqala ukudlala ibhola elikhokhelayo kwi-Ajax Cape Town, wadlulela kwiCape Town City neCape United ngaphambi kokuthathwa yiBlue Hearts.

“Kulabo bantu abagqekeze emzini wami bas ebentshonstha wonke amajezi ami awumphumela wegazi, umjuluko nezinyembezi zami kule minyaka eyishumi ngithi uMdali anixolele,” ubhale kanje kwiTwitter lo mdlali.

Nokho kuzomele asheshe asidlulise lesi sehlakalo esiyishwa njengoba kumele agxile ekusiseni iMaritzburg uma seyigadulisana neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership.

Uma ingawunqoba lo mdlalo iMaritzburg ingabe seyiziqhelise kahle engozini yezembe kwazise njengamanje amaphuzu amahlanu kuphela aphakathi kwayo neBaroka esemsileni kwilogi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.