UBaccus usedelile ibhentshi kwiChiefs, ufuna ukubuyela ekhaya

UBaccus usedelile ibhentshi kwiChiefs, ufuna ukubuyela ekhaya
UKearyn Baccus
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter 

Uselinde ukuba kuphele inkontileka yakhe bese ephindela ‘ekhaya’ e-Australia uKearyn Baccus weKaizer Chiefs.

Abasondelene nalo mdlali bathi usekhathele wukuhlalela ubala kwiChiefs afike kuyo kumasizini amabili edlule.

UBaccus ungowokuzalwa eThekwini kodwa wakhulela e-Australia la abazali bakhe abathuthela khona esemncane.

Ubengomunye wabadlali abayizethenjwa kwiMelbourne City okungelinye lamaqembu amakhulu e-Australia ngaphambi kokulandwa yiChiefs.

Ufike kuMakhosi ngesikhathi sika-Ernst Middendorp kanye noSamir Nurkovic.

Kodwa njengoba uNurkovic eseyisethenjwa nje eNaturena, uBaccus usalithola amacozucozu ijezi.

“Sizwa kuthiwa usebheke ukuthi abuyele ekhaya uma kuphela inkontileka ngoba uyabona ijezi usazolizwa ngendaba,” kusho umthombo.

IChiefs ithenge oCole Alezander noPhathutshedzo Nange abadlala indawo efanayo noBaccus.

Ngaphezu kwalokhu uStuart Baxter ubuye ancamele ukusebenzisa umdlali wasemuva – kuba uNjabulo Ngcobo noma uThabani Dube – esiswini.

“Khona akubonakali ezoke abe ngumdlali odlala njalo ngoba kukhona nanbafana abancane ababhekiwe abafana noMshini (Nkosingiphile Ngcobo) noHappy (Mashiane) abasalinde ithuba nabo,” kuqhuba umthombo.

FUNDA NALA: Ugcinwe esitokisini uPhungwayo oboshelwe ukweba

Ngesikhathi esanda kufika kwiChiefs uBaccus ubethembisa ukuthi angase abe ngumdlali onzima impela.

Kuke kwaze kwanesikhathi la abalandeli bebefuna anikwe ijezi elabekwa ethala ukuhlonipha uDoctor Khumalo unombolo 15.

Naye wakuveza ukuthi engathanda ukuligqoka lelo jezi ngoba yilo abelisebenzisa e-Australia.

Kodwa kusuka lapho izinto azimvumanga njengoba enyiwa iskimu njalo nje.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.