Ubagabisele ngezithende ekugcineni uBelachew abaseKZN

Ubagabisele ngezithende ekugcineni uBelachew abaseKZN
U-Edndale Belachew
Alfred Ngubane

Abasubathi bakwaZulu-Natal badedele umsubathi wase-Ethiopia u-Edndale Belachew ukuba adlubulundele kubo ayoshaya intambo kwiTwo Oceans Marathon ngeSonto ekuseni.

UBelachew wenze isikhathi sika 3:09:05 eshiya uNkosikhona Mhlakwana ongene endaweni yesibili enza isikhathi 3:09:08.

Endaweni yesithathu kungene uSboniso Sikhakhane owenze isikhathi esingu 3:11:31, kweyesine kungene uBongumusa Mthembu yena wenze isikhathi esingu 3:12:06.

FUNDA NALA: USteyn uphinde wazihubuluzela kwiTwo Oceans 

Laba basubathi baseKZN bedlale ukuzithambisa bavumela uBelachew abaqhathe ngamakhanda basala beshayisana bodwa bagcina ngokuhluleka ukumgudluza.

Bamvumelile wangena phakathi kwabo, kanti uyabathengisa ngomzimba bagcina basala belandela izintende zakhe.

Amathemba abantu baseNingizimu Afrika kade ebekwe kuzo lezi zinsizwa njengoba bezikhombisile ukuthi zizimisele ukunqoba lo mjaho.

Kodwa bayilahlile ekugcineni, bahluleka ukuwunqoba lo mjaho obugijinywa eKapa ngeSonto ekuseni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.