Ubalisa ngendlala kubasubathi ngenxa yokugqoza kwemijaho

U-Edward Mothibi

ALFRED NGUBANE

Ukhala uyazihulisa uNick Bester oyimenenja yabasubathi ngaphansi kweNedbank Running Club ngokungakwazi ukuvikela imnyaka ilandelana isicoco aeComdrades Marathon.

Le nhlangano inabagijimi abawina lo mjaho ongomkhulu kunayoyonke emhlabeni okungo-Edward Mathibi noGerda Steyn.

Exoxa neMpempe, uBester uthe: “Kubuhlungu ngoba ngiphethe abasubathi abaningi nabaphmuma kwamanye amazwe abaziphilisa ngokusubatha.

“Njengoba kunendlala yemijaho umhlaba wonke kunzima, kakhulu kushaye kwezwela kakhulu ikakhulukazi kubasubathi abaphuma emazweni ase-Africa njengoZimbambwe, Lesotho Ethoipia namanye.

“Laba basubathi baphila lapha eNingizimu Africa lapho bekwazi ukwenza imali eningi naphesheya kwezilwandle.

“Njengoba kunesomiso nje bathwele kanzima kakhulu abasubathi bethu.”

Uphinde watshela iMpempe ukuthi bazilungiselela iSA Half Marathon ezoba ngempelasonto eGqberha noSteyn.

Uthi bawulungele lo mjaho futhi akakuboni ongavimba ukuthi bawunqobe.

Khonamanjalo, uSteyn usanda kubuya e-Italy la afike wenza isikhathi esihle esingu 2.25.28 nesimfake kuma-Olympics azoba seJapan ngoJulayi.

UBester uthi kuma-Olympics akukho okungako abakubhekile ngoSteyn ngoba angesikhathi lapho kuqala ihlobo lapha emazweni aphesheya kwezilwandle.

“Lokho kuyabalimaza abagijimi abaningi abaphuma e-Africa ngenxa yesimo sezulu,” kuphetha uBester.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.