Ubalisa ngokubhuquza ekhaya owadla isicoco seComrades

U-Ann Ashworth

ALFRED NGUBANE

Owaba ngumpetha kwiComrades Marathon ka-2018 esigabeni sabesisifazane, u-Ann Ashworth ukhala uyazithulisa ngokubhuquza ekhaya njengoba kunendlala yemijaho yamabanga amade kuleli naphesheya kwezilwandle.

Uxoxele impempe.com ngosizi abhekene nalo kwazise washiya phansi umsebenzi ayewenza wokuba ngummeli ukuze agxile kwezokusubatha ngokugcwele.

Nokho uthe sebeqalile nozakwabo ukuzilungiselela ngethemba lokuthi izoqala imijaho maduze nje.

“Sesiqalile ukuzilungiselela, akusefani,” kusho yena.
Ebuzwa ngeComrades ka-2019, la ayebhekwe khona ukuba avikele isicoco sakhe, uthe akulula ngoba ungagcina sewunezinkinga uma uzofuna ukuphoqa izinto.

“Kumele uthathe isikhathi sakho kukho konke okwenzayo, ube nesineke. Ungazixini uma uzilungiselela ngoba sewujahe ukunqoba umjaho.

“Sinomqeqeshi wami uJohn Hamlett, sakwenza konke esasizitshela ukuthi kuzosisiza ukunqoba lo mjaho,” kuchaza yena.

U-Ashworth wazalelwa eZimbabwe, kodwa wakhulela eHowick la abazali bakhe abathuthela khona esemncane, wabuye wafudukela eBloemfontein eyikwenza izifundo zeBsc Physiology. Waqhubeka nemfundo, wenza iLLB e-University of KwaZulu-Natal.

Usebenze iminyaka eyisishiyagalombili engummeli eGauteng kwasho khona ukuthi inhlansi yezokusubatha seyiphembekile ngaphakathi kuye.

Phakathi kwemijaho emikhulu aseke wagijima kuyo singabala iValencia 42.2km wenza isikhathi sika 2h 35.44 waba sendaweni ka-13 ngo-2018.

KwiTwo Oceans eyibanga lika-56km, waphuma endaweni yesithathu ngawo u-2018. U-Ashworth ubuye abe ngumphathi weqembu labasubathi elaziwa ngeTeam Massmart.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.