Ubani ongasiza iPirates uma ixosha uZinnbauer?

Steve Komphela Orlando Pirates Gavin Hunt Adel Amrouche iPirates uZinnbauer
USteve Komphela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kulindeleke isinqumo ngekusasa lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer kule mpelasonto noma ngasekuqaleni kweviki elizayo. Lo mqeqeshi ubenikwe ithuba lokwenza izethulo kubaphathi beqembu ngokuthi kungani kumele angakhonjwa afika ngayo.

IPirates ikwazile ukuthiba inxano leminyaka lezindebe ngokudla iMTN8 ngesizini esanda kusongwa. Lokho nokulinyalelwa ngabadlali abamqoka yizinto angazivikela ngazo lo mqeqeshi.

Nokho kunengxenye yabalandeli baleli qembu abangasayinambithisisi eyalo mqeqeshi. Bathi kumele adedelwe ngoba wehlulekile ukucela inselelo esicocweni seligi noma iMamelodi Sundowns ike yalahla.

Uma kwenzeka exoshwa, ngabe ngubani ongafika akwazi ukujika izinto kuleli qembu? Impempe seyike yahosha umoya wokuthi uGavin Hunt osanda kuxoshwa komakhelwane iKaizer Chiefs ngomune wabaqeqeshi ababhekwayo.

No-Adel Amrouche oseqenjini lesizwe laseBotswana useke wabonakala eGoli emavikini ambalwa edlule kanti kukholakala ukuthi ubezoxoxisana nabaphathi bePirates ngalo msebenzi.

Omunye Impempe esingabika ngokuthi kungenzeka abonakale edlubhe ezimnyama zeBhakabhaka ngesizini ezayo nguSteve Komphela. Lo mqeqeshi ukwiSundowns njengamanje la eyingxenye yethimba elicija leli qembu.

Lapha sibheka laba baqeqeshi bobathathu – okuhle nokubi ngabo – ukubona ukuthi yimuphi ongafika kuzwakale e-Orlando.

Adel Amrouche

Lo mqeqeshi odabuka e-Algeria uneminyaka engu-53 kanti usenerekhosi elide ecija amaqembu ehlukene. Useke waphatha kwiMC Algiers ne-USM Alger okungamaqembu amakhulu ngakubo e-Algeria.

Ubuya nakwiMuteme Pembe yaseDemocratic Republic of Congo aseyiqeqeshe amahlandla amabili. Useqeqeshe namaqembu amaningi esizwe okukhona kuwo elaseKenya, Burundi neLibya.

Ubonakala enekhono elihle lokufukula umdlandla eqenjini, enze abadlali bazimisele bakhiphe amangwevu. Kodwa kuya ngokulotha ngokuhamba kwesikhathi. Engaba wusizo okwesikhashana kwiBucs.

Steve Komphela

UKomphela cishe bambalwa abangawazi umlando wakhe kuleli. Uneminyaka engu-53 kanti udabuka eKroonstad eFree State. Useqeqeshe emaqenjini amaningi kuleli.

Kuwo singabala iManning Rangers, Free State Stars, Maritzburg United, Golden Arrows neKaizer Chiefs. Ukuhluleka kwakhe kwiChiefs yilona ichashaza elingenza ngabazeke kwiPirates.

Kodwea kufanele ukuthi lukhulu alufunda. Futhi ke, wayengenzi umsebenzi omubi kakhulu. Into eyamshaya wukuthi angazitholeli iphini elinohlonze.

Uma enganikswa ithuba, atholelwe nephini eliqinile, angayilwela iligi.

Gavin Hunt

Uzalwa eKapa kanti uneminyaka engu-57. Umlando wakhe uyazikhulumela. Yize ehlulekile kwiChiefs ayishiye ilengela ezembeni, kodwa lokho akumenzi isehluleki.

Buka ngoba yona iChiefs leyo uyifake emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League. UHunt unendlela yakhe yokwenza abadlali bakholelwe kuye bese benza umsebenzi.

Okuhle kuye wukuthi iningi labadlali abakuPirates njengamanje uke wasebenza nabo kwiBidvest Wits. Lokhu kungenza umsenbenzi wakhe ube lula kakhulu.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *