UBarker uveza iqhinga elilula abashaye ngalo iChiefs

UBarker uveza iqhinga elilula abashaye ngalo iChiefs
UJunior Mendieta noNjabulo Ngcobo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ifike necebo elilodwa elilula iStellenbosch FC eFNB STadium la ishayele khona iqembu lasekhaya iKaizer Chiefs ngoLwesibili.

USteve Barker, oqeqesha iStellenbosch FC bayishaye ngokuthi bayincishe ibhola iChiefs emdlalweni weDStv Premiership.

IStellies iqoqe amaphuzu amathathu kulandela ukushaya Amakhosi ngo 1-0 wegoli lika-Ashley du Preez.

Leli qembu laseKapa alikashaywa kule sizini kanti lilele endaweni yesibili.

Liyalingana ngamaphuzu neMamelodi Sundowns ezihola phambili, yize isalele emuva ngemidlalo.

“Emizuzwini emihlanu yokuqala besilandela izithunzi kucaca ukuthi sethukile.

“Kodwa kusukela emzuzwini ka-15 kuya esikhathini sekhefu bese sinakho ukuzethemba,” kusho uBarker.

“Bese sidlala kahle sincisha izimbangi ibhola, sivala nezikhala. Lokho kwenze ukuthi sigcine sithole igoli.

“Yize bebebuye babambe ibhola isikhathi eside ngaphandle kwebhokisi lethu kodwa angicabangi ukuthi lokho bekusicindezela.”

IStellies sekuphele imidlalo engu-13 ingayazi induku uma kuhlanganiswa nemidlalo yeligi yangasekupheleni kwesizini edlule.

Leli qembu laseKapa libukeka livuthwa impela manje ngaphansi kukaBarker.

“Ngicabanga ukuthi isiwombe sokuqala besisihle kakhulu kithina. Ngesiwombe sesibili kuphinde kwavela le nto yokuthi ngemuva kokuhamba phambili sizithela ngabandayo.

“Sinike izitha isikhathi sazivulela nezikhala okwenze saba nengcindezi. Bengicabanga ukuthi bekumele sibuye ngamandla sithole igoli lesibili, siqede ngomdlalo.

FUNDA NALA: UMokwena uveza okwamdalela isidina kwabePirates

“Nokho asikwenzanga lokho okuyinto egcine isicindezela kakhulu. Emizuzwini yokugcina engu-20 bese
sikhathele kodwa ngiyajabula ukuthi siqhubekile nokudlala ngendlela ebesihlele ngayo.

“Asibavumelanga abadlali babo abayingozi ukuthi bazenzele umathanda ikakhulukazi endaweni eyingozi.

“Besilokhu sizama ukubancisha izikhala. Ngiyabonga kakhulu eqenjini ngokuzinikela ngendlela elizinikele ngayo
nokuqhubeka nokuthola imiphumela emihle.”

IStellies izozama ukuqhubeka nomgqigqo wayo omuhle uma isibhekene neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.