UBarker weStellenbosch umesabisa okwenyoka uDolly weChiefs

UBarker weStellenbosch umesabisa okwenyoka uDolly weChiefs
USteve Barker
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Akaphiki nakancane ukuthi uyamesaba uKeagan Dolly weKaizer Chiefs, umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker.

IStellies izotholana phezulu neChiefs emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili ntambama.

IChiefs ayiyiqalanga kahle neze isizini ka-2021/22 kodwa ukungena egiyeni kukaDolly sekuyenze yavuka emaqandeni.

Amakhosi azoya kulo mdlalo imisila ibheke phezulu kulandela ukuwina imidlalo emibili kulandelana.

Aqale ashaya iChippa United ngo 4-0 ase elandelisa ngokuwina umdlalo obunzima ngo 2-1 lapho ebebhekene khona neSuperSport United.

“UDolly ukhombisa ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi wonke umuntu uyazi ukuthi yini angayenza.

“Nakanjani akumele simnike inkululeko nokucanasa ikakhulukazi ezindaweni eziyingozi,” kusho uBarker.

“Nokho kumele ngikucacise ukuthi akuyena yedwa. Indlela abadlala ngayo phambili bebathathu yinhle kakhulu.

“Banabadlali baseswini abahle kakhulu, kanti nasemuva bayavala thaqa.

Izimpawu zeqembu eliqeqeshwa kahle seziqala ukuvela kwiChiefs.

“Baningi abadlali okumele sibaqaphela kodwa uDolly nakanjani uzoba yingozi kithina.”

UDolly uyawashaya amagoli njengoba esebeke phakathi amathathu emidlalweni yeligi.

Ngaphandle kwalokho uyakwazi nokwakhela ozakwabo amathuba nokuyinto ayenzile ngesikhathi uKhama Billiat eshaya igoli bebhekene neChippa.

Ube nesandla futhi ngesikhathi uBernard Parker eshaya amagoli amabili beshaya iSuperSport ngo 2-1.

“Kuzoba yisivivinyo esikhulu kithina lesi ngoba kuyacaca ukuthi sebezilungisile izinto kwiChiefs.

“Abadlali babo abaphambili sebeyaqala ukuziveza. Lona kuzoba umdlalo wethu wesihlanu ekuhambeni kweyishiyagalolunye.

FUNDA NALA: Uthi uma bengakhokhelwa kahle onompempe engancipha amaphutha

“Akulula ukulokhu uhamba uyodlala ezindaweni ezihlukene. Kuzoba yinselelo enkulu kodwa kuzosikhombisa ukuthi sesikuphi njengeqembu nokuthi singenza ini,” kusho uBarker.

IStellies isendaweni yesibili kwilogi yePremiership. Ingelinye lamaqembu angakashaywa emidlalweni yeligi.

Seyiwine imidlalo emine yadlala ngokulingana kwemine. Elinye iqembu elingakashaywa yiMamelodi Sundowns esesicongweni kwilogi.

Ngakolunye uhlangothi iChiefs isendaweni yesithupha kwilogi. Isawine kathathu, yadlala ngokulingana kathathu, yase ithola isibhaxu kabili.

Ukuwina ngoLwesibili kungayinyusela endaweni yesine kanti nowina okwesithathu kulandelana kuyongezela ukuzethemba.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.