UBartlett owachithwa yiChiefs useqashwe yiTS Galaxy

Sihle Ndlovu

I-TS Galaxy seyiqashe uShaun Bartlett njengephini lika-Owen da Gama, okunguyena osanda kuthatha izintambo njengomqeqeshi waleli qembu.

Lokhu kuqinisekiswe yilona iqembu esitatimendeni esithunyelwe ngeSonto ebusuku. UDa Gama usanda kuqashwa njengomqeqeshi ngemuva kokukhonjwa indlela kukaZipho Dlangalala obebambe kulandela ukuchithwa kukaDan Malesela ngoDisemba.

UDa Gama ubesebhentshini okokuqala ngesikhathi iGalaxy ibhekene neChippa United emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto. Ngebhadi uqale kabi emsebenzini wakhe omusha njengoba beshaywe ngo 1-0. IChilli Boys isiqeqeshwa uMalesela.

“Yimina ophakamise igama likaShaun Bartlett ngoba ngike ngasebenza naye phambilini. Ngake ngamqeqesha kwiBloemfontein Cletic ngesikhathi ebuya phesheya kwezilwandle. Ngaphinde ngasebenza naye njengephini eqenjini lesizwe i-Under 23. Ngiyalazi ikhono lakhe nokuzinikela kwakhe emdlalweni. Okubalulekile kunakho konke ukuthi ngiyawuhlonipha umsebenzi wakhe,” kusho uDa Gama esitatimendeni.

Ezikhulumela uBartlet uthe kuyamthokozisa kakhulu ukujoyina iGalaxy.

“Ngijabule kakhulu ngethuba enginikwe lona wumphathi weqembu uTim Sukazi neTS Galaxy Football Club. Ngikulungele ukubhekana nenselelo. Yize kuyiqembu elisha kwiPSL, futhi kulindeleke lukhulu kulona kodwa ngifuna ukuba yingxenye yakho konke lokho, ngibambisene nalo lonke ithimba labaqeqeqeshi no-Owen da Gama. Sithemba ukwenza konke okubhekwe kithina esikhathini esifushane esizayo.

“Ngiyathokoza kakhulu ukuthi ngiphinde ngisebenze nomqeqeshi u-Owen. Ngiyethemba sizoqala silethe imiphumela emihle, senze abalandeli baziqhenye ngeqembu nangohlobo lwebhola esizobe silidlala. Siqinisekise ukuthi sithola imiphumela, siphinde siwine okuthile ekugcineni,” kusho uBartlett.

Lo mqeqeshi ugcine esebenzela iKaizer Chiefs ngaphansi kuka-Ernst Middendorp, osekwiMaritzburg United, ngesizini edlule. Bobabili bachithiwe yiqembu ngemuva kokuthi lihluleke ekugcineni ukuwina isicoco seligi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *