UBartlett ugxeka ubuholi beSafa ‘obungalisizi ibhola laseMzansi’

UShaun Bartlett
Alfred Ngubane

Umqeqeshi weCape Town Spurs, uShaun Bartlett, uthi sesifikile isikhathi sokuthi kuphathe omunye wabo kwiSouth African Football Association (Safa), oyinkakha elidlalile ibhola.

“Sekuphele iminyaka engu-30 yonke kodwa alukho ushintsho ebholeni lakuleli,” kusho uBartlett.

“Kunalokho sekushintshwe abaqeqeshi abangu-25 kwasetshenziswa nabadlali abangaphezulu kuka-2000 kodwa awukho umehluko. Ngenxa yalokho abehle bonke abaphethe izikhundla kwiSafa.”

Sikhuluma lezi zindaba uDanny Jordaan nguye oqhoqhobele isikhundla sokuba umengameli weSafa kule minyaka eyishumi edlule. Ungundlovu kayiphikiswa njengoba umsebenzi umehlula umkhipha izintaba.

Uhlulekile ukunqanda imibango eminingi ngaphansi kweSafa ezifundazweni ezahlukene, kanti odonse amehlo kakhulu ngowaseThekwini.

“Ibhola lethu lilahlekile kakhulu. Ubuholi bukaJordaan buhlulekile ukuthuthukisa ibhola emazingeni aphansi nebhola labesifazane,” kusho uBartlett.

Njengamanje kunomjaho ophakathi kukaRia Ledwaba noJordaan, obukeka uzoshuba kakhulu njengoba kuza ukhetho. Izinkakha aziyizwa nhlobo eyabantu abangazi ngebhola kodwa abazele ukuzicebisa. UDoctor Khumalo uke wacashunwa esho okufanayo emasontweni edlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.