UBartlett ukhumbuza abadlali beBafana ngokubaluleka komsebenzi wabo

UBartlett ukhumbuza abadlali beBafana ngokubaluleka komsebenzi wabo
UShaun Bartlett
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UShaun Bartlet, oyiphini lomqeqeshi kwiTS Galaxy uthi abadlali beBafana Bafana kumele bazibambe ziqine emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar.

IBafana izovula le midlalo ngokubhekana neZimbabwe ekuhambeni ngoLwesihlanu ntambama. Ngemuva kwalokho izobe isibhekana naGhana ekhaya ngoMsombuluko.

UBartlet wazi kahle ukuthi ukhuluma ngani ngoba uke wayibamba isikhathi eside kwiBafana, eshaya amagoli asize iqembu lesizwe emidlalweni ebalulekile.

“Okokuqala okubalulekile ukuthi abadlali bakuqonde ukubaluleka komdlalo ngamunye kule abazoyidlala.

“Yize bezodlala imidlalo eyisithupha yokuhlunga kodwa kumele babhekane nomdlalo owodwa ngesikhathi,” kusho uBartlet.

“Umdlalo wokuqala yiwona obaluleke kakhulu. Akumele uvume ukuqala imidlalo yokuhlunga ngokushaywa.

“Kumele siqinisekie ukuthi sithola umphumela omuhle, into esizokwakhela phezu kwayo. Ngethemba ukuthi abadlali bazoya kulo mdlalo bekubekile emiqondweni ukuthi bafuna ukuwuwina.

“Umqeqeshi angenza konke kodwa kulele kubadlali ukuthi bangene enkundleni bathole umphumela ofanele.”

INingizimu Afrika isikuthola kunzima ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni emikhulu. Isanda kushiywa yibhanoyi elibheke kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezodlalelwa eCameroon ngonyaka ozayo.

UBartlet uphinde weluleka u-Ethan Brooks weGalaxy, ngokumele akwenze njengoba ekhona esikwatini seBafana.

“Kuyinto enhle ukubizwa eqenjini lesizwe, kukhombisa ukuthi wenza kahle eqenjini lakho,” kuchaza uBartlett.

“Uma usemncane uya eqenjini lesizwe kumele uqinisekise ukuthi ufunda izinto eziningi,” kusho uBartlet.

“Kumele azame ukufunda kubadlali abadala ukuze aqinisekise ukuthi uba ngumdlali ongcono.

FUNDA NALA: UDavid Nyathi akayizwa eyokuzitshwa kukaLyle Lakay kwiBafana 

“Ukuba umdlali weqembu lesizwe kuchaza ukuthi kumele ukhombise uma usubuyela eqenjini lakho ukuthi usezingeni elihlukile.

“Ngicabanga ukuthi ungumdlali ocabangayo u-Ethan futhi uziphatha kahle noma engaphandle kwenkundla.

“Lokho kuyinto ebalulekile. Akumele azifakele ingcindezi enkulu ngoba kuningi okusamele akufunde. Okwami ukuthi ngimsize ngayo yonke indlela engingenza ngayo.”

IBafana izoya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali ababili, uThibang Phete noThabiso Kutumela, okutholakale ukuthi banegciwane iCovid-19 ngoLwesithathu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.