UBavuma akanankinga nesinqumo sikaDe Kock sokungaguqi

uBavuma
UQuinton de Kock noTemba Bavuma
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukaputeni wamaProteas uTemba Bavuma uthi kubehle ngenhla ukungadlali kukaQuinton de Kock ngesikhathi bebhekene neWest Indies koweNdebe yoMhlaba yeT20 ngoLwesibili.

ICricket South Africa (CSA) iyalele abadlali bamaProteas ukuthi bahlabe ngedolo phansi kuyo yonke imidlalo yabo esele, ukulwisana nokucwasa ngokobuhlanga.

Lokhu bekuzoqala ngoweWest Indies obuseDubai International Stadium ngoLwesibili.

Nokho lokhu yinto angayingenanga uDe Kock njengoba ekhethe ukungadlali, nokuyinto esuse ukukhuluma okukhulu.

Lokhu bekusho ukuthi akayingeni yena indaba yokuliswana nokucwasa okuwumkhankaso owenziwa kwezemidlalo ezahlukene emhlabeni.

“Simangele kakhulu futhi lokhu kwasibuyisela emuva njengeqembu. UQuinton umdlali obalulekile eqenjini…

“Hhayi njengomdlali obhethayo nje kuphela, kodwa njengomdlali omdala nonamava,” kusho uBavuma ngemuva komdlalo.

AmaProteas agcine ewine umdlalo ngamawikhethi ayisishiyagalalombili, abuyisa uthemba lokudlulela phambili kwiNdebe yoMhlaba yeT20 eqhubekayo.

“Ukungabi khona kwamava kaQuinton eqenjini lami, njengokaputeni, yinto ebengingayilungele.”

UBavuma uthe uze wazi ngokuthi ngeke adlale uDe Kock ngesikhathi sebesebhasini bebheke eDubai.

Nokho uthe uyasihlonipha isinqumo sikaDe Kock.

“Umyalelo ovela kwibhodi (ukuthi kuguqwe ngedolo elilodwa) ufike ekuseni.

“Kube nomhlangano wamalungu athize kwase kudluliselwa kithina umyalelo,” kusho uBavuma.

“Ngicabanga ukuthi uhambo olubheke enkundleni beluyihora nohhafu noma amahora amabili.

“Kulolo hambo ngicabanga ukuthi yilapho uQuinton ethathe khona isinqumo.

“Sitholile, nami kwafika kimina njengokaputeni ngesikhathi sesisezindlini zokushintshela.

“UQuinton mdala ngokwanele. Uyindoda eyaziyo ukuthi yenzani. Siyasihlonipha isinqumo sakhe.

FUNDA NALA: Usuthu sekugaqele uGabuza weSuperSport

“Ngiyazi ukuthi isinqumo asithathile uzosimela. Ngebhadi iqembu bekumele lingene enkundleni lenze umsebenzi.

“Bekunomdlalo obalulekile wezwe obekumele siwudlale, futhi yinto enhle kakhulu ukuthi siwinile.”

I-CSA igcine ikhiphe isitatimende lapho ithe izolindela umbiko ovela ethimbeni elikwiNdebe yoMhlaba bese ithatha isinqumo.

Akwaziwa noma kuzothiwa akabuyele eNingizimu Afrika yini uDe Kock ngokungawulandeli umyalelo wenhlangano okuyiyona emholelayo.

Yini vele angayihlalela kwiNdebe yoMhlaba uma engeke adlale?

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.