UBavuma ubashiye bevuma abe-Ireland ebukisa ngabo koweT20

UBavuma ubashiye bevuma abe-Ireland ebukisa ngabo koweT20
UTemba bavuma
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kugcine kuvumile kuTemba Bavuma ehola iNingizimu Afrika ngobuqotho ishaya i-Ireland ngama-run angu-49 emdlalweni wesithathu weT20 eBelfast ngoMgqibelo.

UBavuma, ongukaputeni wamaProteas, ubelokhu eshaya udaka emidlalweni edlule yosuku olulodwa neyeT20. Nokho ngoMgqibelo udlale kahle kakhulu eshaya ama-run angu-72 asize iNingizimu Afrika yaqoqa ama-run angu-189 kuma-over angu-20.

INingizimu Afrika iyona ebhethe kuqala kulo mdlalo wokugcina weT20. Kudlale kahle uBavuma noHendricks oshaye ama-run angu-69. Omunye umdlali odlale kahle uDavid Miller oshaye ama-run angu-36.

UMiller ugcine eqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme kule midlalo emithathu yeT20. Iphendula i-Ireland, akuhambanga neze kahle njengoba kungekho noyedwa umdlali ofike ku-50.

Umdlali ozamile ngukaputeni uBalbirnie oshaye ama-run angu-27. Ngasohlangothini lweNingizimu Afrika kushwibe kahle uWiaan Mulder, othathe amawikhethi amabili, George Linde, othathe amawikhethi amabili noWilliams naye othathe amabili.

Ukuwina kweNingizimu Afrika kuchaza ukuthi iwine uchungechunge lwemidlalo emithathu yeT20 ngo 3-0. Ngaphambi kokuthi amaProteas aye e-Ireland abedlala neWest Indies lapho ewine khona ngo 3-2 kweyeT20.

FUNDA NALA: Sekuyisikhathi sokuthi indodana kaMato Madlala izibonakalise kwi-Arrows

Ngo-Okthoba kuqala imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeT20 kanti uBavuma nomqeqeshi uMark Boucher, kumele ukuthi bayajabula ngokwenzeka eqenjini.

Iqembu elidlale ngoMgqibelo belishintshe kakhulu, abanye abadlali bephunyuziwe, okuyinto engazange inakeke njengoba bedlale kahle.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.