UBavuma uzohola amaProteas okokuqala ebhekene nePakistan

USisanda Magala obizelwe kumaProteas okokuqala

SIHLE NDLOVU

UTemba Bavuma uzohola amaProteas okokuqala njengokaputeni uma esebhekene nePakistan emidlalweni emithathu yosuku olulodwa kusukela ngo-Ephreli 2 kuya ku-Ephreli 7.

UBavuma ukhethwe njengokaputeni wemidlalo yosuku olulodwa neyeT20 emasontweni ambalwa edlule. Ngesikhathi imemezela iqembu elizobhekana nePakistan, iCricket South Africa (CSA), kugqame ukubuya kuka-Aiden Markran noWiaan Mulder abagcina ukudlala imidlalo yosuku olulodwa eminyakeni emibili edlule.

UMarkram akakaze ayidlale eyosuku olulodwa kusukela ngeNdebe yoMhlaba eyayise-England ngo-2019, kanti uMulder wagcina edlale imidlalo eyishumi yosuku olulodwa ngo-2019 amaProteas ebhekene neSri Lanka khona lapha ekhaya.

Abanye abadlali abafakiwe kuleli qembu uLizaad Williams noSisanda Magala abangakaze bayigqoke imibala yamaProteas. Ngemuva kwale midlalo kuzodlalwa emine yeT20. Nokho iCSA ikuqinisekisile ukuthi abadlali abazoyibamba kwi-Indian Premiership League (IPL) bazodedelwa njengoba lo mqhudelwano wase-India uqala ngo-Ephreli 9. Lokhu kuchaza ukuthi bazobe bengekho kwiT20 abadlali abafana noQuinton de Kock, Kagiso Rabada noLungi Ngidi.

“Iqembu lethu lemidlalo yosuku olulodwa likhombisa ikhono esinalo eNingizimu Afrika futhi ngikubhekene ngabomvu ukuthi bazodlala kanjani kulolu chungechunge lwemidlalo. Sinamava enele kuleli qembu ukubhekana ngendlela nePakistan,” kusho uVictor Mpisang oyinhloko yabaqoki kwiCSA.

Selilonke iqembu limi kanje: Temba Bavuma (ukaputeni), Quinton de Kock, Beuran Hendricks, Heinrich Klaasen, Janneman Malan, Keshav Maharaj, Aiden Markram, David Miller, Lungi Ngidi, Anrich Nortje, Andile Phehlukwayo, Kagiso Rabada, Tabrazi Shamsi, Jon-Jon Smuts, Rassie van der Dussen, Junior Dala, Lutho Sipamla, Wiaan Mulder, Sisanda Magala, Kyle Verreyne, Daryn Dupavallion noLizaad Williams.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.