UBaxter akafuni ukuwina ngenhlanhla, kodwa ulamukele iphuzu lenhlanhla

UBaxter akafuni ukuwina ngenhlanhla, kodwa ulamukele iphuzu lenhlanhla
UVeli Mothwa noKeagan Dolly
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Ukuwina kumele iqembu likusebenzele ngokuthi lidlale kahle, lakhe amathuba acacile bese liwasebenzisa hhayi liwine ngenhlanhla.

Lokhu kushiwo ngumqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter othi kungaba mnandi ukuthi bawine kodwa akafuni kube inhlanhla.

Uthi uma kube njalo, kuthuke ucilo ezishayisa endukwini, kungenzeka kungabe kusaphindeka ngoba ngeke uhlale uwina ngenhlanhla.

Yize kunjalo, ulamukelile iphuzu abalithole ngendlela engajabulisi bephiwa iphenathi engafanele ngunompempe bebambana ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.

Ibhola lizishayise ehlombelikaMbongeni Gumede obefihle izingalo ngemuva ukucacisa ukuthi akafisi lishayise kuzo.

Kodwa noma kunjalo uJelly Chavani uvele walikhomba emlotheni, washiya ngisho abalandeli beChiefs beshaqekile.

Kodwa ke nayo iChiefs beyivele beyingaziwinela kalula ukuba iwasebenzisile amathuba ebiwathola.

Imizamo yayo nokho beyiphelela kuVeli Mothwa ogcine eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo obuseKings Park Stadium.

“Sesikujwayele lokho,” usho kanje uBaxter uma ebuzwa ngamathuba abadlale ngawo obekumele ngabe abasize bawina.

“Sikhulumile ngesikhathi sisekhefini sathi kumele sishintshe. Uma singengeza nje amandla athe xaxa kwesikwenzayo kungaba nomehluko omkhulu.

“Sadlala neMamelodi Sundowns senza kahle futhi sasibahola ezingxenyeni ezithile zomdlalo kodwa ekugcineni sahlulwa.

“Namuhla besibhekene neqembu eliqede endaweni yesibili ngesizini edlule. Nakhona ngicabanga ukuthi senze kahle ezingxenyeni eziningi zomdlalo kodwa asangakwazi ukushaya amagoli.

“Bekungabukeki sengathi singahlulwa. Abadlali bebelokhu belwa nje, bakha amathuba ambalwa ngasekupheleni komdlalo.

“Sinqabile ukwehlulwa. Ngicabanga ukuthi njengoba kade ngisho ukuthi uma singafaka amandla athe xaxa singagcina sisemaqenjini aphezulu.

FUNDA NALA: UNcikazi akayizwa eyokuthi iPirates ishikiliswe amaqembu amancane

“Sidlale ibhola elihle kodwa kumele uwasebenzise amathuba. Kumele kube nezinto esizigwemayo ngoba indlela esenze ngayo baze bathole igoli beyingeyinhle.

“Akumele senze njeya. Akuyona indlela engakwenza uwine leya. Abadlali bayazikhandla . Sengethemba ukuthi abalandeli bazobeseka.

“Kumele sizame ukudlala ngendlela ezosiwinisa isikhathi eside, hhayi ukuthi siwine ngenhlanhla nje.

“Uma uwine ngenhlanhla abantu abayajabula bese beyobhiyoza kodwa ngokulandelayo kungabe kusenzeka.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.