UBaxter akayizwa ekaNgcobo ojahwe abalandeli beChiefs, uthi akamazi

UBaxter akayizwa ekaNgcobo ojahwe abalandeli beChiefs, uthi akamazi
UNjabulo Ngcobo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UStuart Baxter uzame ngayo yonke indlela ukuziqoqa angagcini esecikeka njengoba kugcine kubusa umbuzo ngendaba yokungadlali kukaNjabulo Ngcobo.

Lo mbuzo yiwo ohambe phambili ngesikhathi uBaxter ekhuluma nabezindaba ngoLwesine kwazise bekumele acacisise ngalo mdlali.

Kubo bonke abadlali abasha beChiefs, uNgcobo uyena yedwa ongakanikwa ithuba lokudlala. Lokhu akwehli kahle kubalandeli kwazise bajahile ukumbona enkundleni.

Kodwa uBaxxer kusale kancane avele alibeke ngembaba elokuthi akanandaba nokushiwo ngoNgcobo yena uzokwenza ngendlela efiswa uyena.

“Angimazi uNjabulo… Angimbonanga edlala ngesizini edlule. Bengingekho eNingizimu Afrika ngaleso sikhathi,” kusho lo mqeqeshi. 

“Ngakho ungumdlali omusha kimi, nami ngingumqeqeshi omusha kuye kanti nozakwabo basha kuye. Sethemba ukuthi sizokwazi ukumsheshisa ajwayele indlela esidlala ngayo. 

“Lokho kuzothatha isikhathi hhayi imizuzwana emibili nje. Yikngakho singeke sijahe ukumdlalisa size sibe nesiqiniseko esigcwele ukuthi usekulungele ukudlala.”

Kodwa ke kumele kucace ukuthi ngaphandle kwabadlali abambalwa ababekhona ngesikhathi uBaxter ekwiChiefs okokuqala, u-Alexander Cole kuphela uBaxter angathi uyamazi.

FUNDA NALA: Basolwa ngokukokotela izinkontileka abadlai beRoyal AM

UPhathutshedzo Nange akamazi kodwa njengamanje usengomunye wabadlali athembele kubo futhi a bahleli bekhona eqenjini lakhe.

UBaxter uphinde wathi, ukuthi uNgcobo uyabizwa kwiBfana Bafana akakugqizi qakala yena. Uthe kuhle lokho kuNgcobo nakwiChiefs.

“Ukubizwa kwakhe kwiBafana akusho lutho kimi. Ukuthi omunye umqeqeshi umbona emuhle akusho lutho kimi.

“Ngeke ngimdlalise ngoba nakhu omunye umqeqeshi uyambiza eqenjini lesizwe,” kusho lo mqeqeshi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.