UBaxter ubafake umunwe esweni abeChiefs ngomdlali abamthandayo

UZwane uphika ukungabambisani kuye noBaxter kwiChiefs
UStuart Baxter
OkaDonga Gumbi

Kunabalandeli beKaizer Chiefs asebekholwa wukuthi umqeqeshi waleli qembu uStuart Baxter uyamhlula umsebenzi aqashelwe wona.

Ukuthi lokho kuyiqiniso noma cha ngeke sikwazi, kodwa esikwaziyo wukuthi lo mqeqeshi uyakwazi ukubacasula abalandeli ballei qembu.

Lokhu ukwenza kalula nje. Uvele agxeke umdlali abalandeli abamthandayo, athi akekho kuleli zinga elidingeka kwiChiefs.

Wakuqala lokhu ngoNjabulo Ngcobo akubeka kwacaca ukuthi akayena lo mdlali abanytu abacabanga ukuthi unguyena.

Lokhu wakusho ngesikhathi ebuzwa ngokuthi kungani engamdlalisi lo mdlali owafika ethwelwe ngeqoma kuMakhosi esuka kwiSwallows ekuqaleni kwale sizini.

UBaxter waqala wwangamdlalisa nhlobo uNgcobo kwathi la esemdlalisa khona, wamgaxa esiswini okuyindawo angayijwayele nangasayinelwanga ukudlala kuyo.

Echaza ngalokhu, wathi bakhona abadlali basemuva abangcono kunoNgcobo ngakho ngeke abeqe adlalise uNgcobo.

“Uma efuna ukudlala emuva, uzodlala khona uma kunguye okhombisa ukuthi ungcono kunabo bonke abadlali basemuva esinabo.

“Akwamanje akangcono kunalaba esibadlalisayo yingakho simbophela esiswini nje. Mina ngicabanga ukuthi yena ufuna ukudlala noma kuphi lapho eboshelwe khona, yilokho angikhombisa khona mina.

“Nginesiqiniseko sokuthi uma engazikhethela engayodlala emuva kodwa ke kumele akukhombise kimi kuqala ukuthi ukufanele ukuboshelwa khona,” usho kanje uBaxter emaviki ambalwa edlule.

Kuleli viki uphinde wabafaka umunwe esweni abalandeli ngesikhathi ephendula umbuzo ngoSibusiso Mabiliso naye olizwa ngendaba ijezi yize afika ethenjiwe.

“Ungumfana okahle kakhulu futhi uziphethe kahle. Ukuthi nje sicabanga ukuthi kunezinto ezibalulekile kumdlali okusamele azilungise ngaphambi kokuthi simdlalise…

FUNDA NALA: UDavids ufuna onompempe bagade oweChiefs odayivayo kwidabhi

“Uma esekulungisile lokho yilapho ke la ayobe esethola khona ithuba lokudlala imidlalo embalwa,” kusho lo mqeqeshi wase-United Kingdom.

Lokhu kubaxhilile abalandeli abaningi njengoba bekubone njengokumthuka lo mdlali ukukhuluma ngaye kanje.

UMabiliso wasayinwa kuMaZulu ka abekade eyisethenjwa khona. Kodwa kwiChiefs akalitholi nhlobo ijezi.

Indawo asayinelwa yona, emuva kwesokunxele, kuboshelwa uSifiso Hlanti kanti njengoba engekho kuboshelwa uReeve Frosler kuyo.

Ngesikhathi noFrosler emisiwe ngenxa yamakhadi, uBaxter wancamela ukubuyisa uSiphosakhe Ntiya-Ntiya owayesefakwe endalini yileli qembu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.