UBaxter ubatshele emakhaleni abeChiefs ngokudembesela

UBaxter ubatshele emakhaleni abeChiefs ngokudembesela
UHappy Mashiane noLebogang Manyama
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Ubatshele emakhaleni abadlali beKaizer Chiefs umqeqeshi waleli qembu uStuart Baxter ukuthi ongeke awakhiphe wonke amangwevu akahlale ekhaya.

Lokhu ukwenze ngenxa yokuthi iChiefs izobhekana neSwallows emdlalweni womkhaya weDStv Premiership ngeSonto ixhugela.

Lo mdlalo uzoba seDobsonville Stadium kanti uqala ngo-3.30 ntambama.

Amakhosi azodlala ngaphandle kwezethenjwa uCole Alexander noNJabulo Blom abamisiwe.

Ngaphezu kwalokho kukhona nabanye abatholakale ukuthi batheleleke ngeCovid-19 yize engakhishwanga amagama abo.

“Sibe nomhlangano nabadlali la sithe kubo uma kukhona ocabanga ukuthi kuinesizathu esingacasha ngaso akavele angezi.

“Siyazi ukuthi sizodlala kanjani, siyazi nokuthi iSwallows idlala kanjani,” kusho uBaxter.

“Kuzoba wumdlalo omuhle okuzogaduliswana kuwo. Wumdlalo mokhaya lo futhi kumele siwubuke ngalelo liso.

“Siwulungele. Sinezinselelo kodwa abadlali kumele babe nazo izisombululo zalezo zinselelo.

“Akukho okusha nesingakwazi esizobe sikwenza uma sesibhekene neSwallows,” kuchaza uBaxter.

Ubatshela emakhaleni nje ukuthi baqinise isitolobho abadlali bakhe uBaxter yingoba uyazi kungenzeka bayithathe kancane iSwallows.

Phela Izinyoni zaseDube ziyakekela kule sizini, izinto azihlangani neze njengoba isengasemsileni nje kwilogi.

“Ngeke ngikwazi ukukala ukuthi zinkulu kanganani izinkinga zelinye iqembu.

“Uma iSwallows isibuka kungenzeka ibone ukuthi sinabadlali abalimele, abanye bamisiwe kanti abanye babanjwe yiCovid nezinye izinto.

“Ngeke bazi ukuthi lokhu kusifaka umdlandla noma kuyasicindezela yini. Nami angazi ngeSwallows.

“Ukube bekuyimi, bengizokusebenzisa ukukhuthaza abadlali. Angazi noma kuzobalimaza noma kuzobasiza.

“Ngicabanga ukuthi bazobe bevukile emaqandeni kwazise udmalo womkhaya lona.

“Lokho kuzokwenza ukuthi kudingeke sidlale impela,” kusho uBaxter.

Njengoba kuzodingeka anike abanye babadlali abangasajwayele ukudlala, uBaxter uthi kulele kubo ukuthi bazibonakalise.

“Kulele kubo abadlali abazongena ukuthi baziveze ukuthi baphetheni bese beshiyela kimi ukuthi ngiyabagcina yini eqenjini eliqala imidlalo.

FUNDA NALA: U-Arteta unxenxa uWenger ukuthi abuye kwi-Arsenal

“Yileyo indlela okumele siyibuke ngayo lento. Siyazazi zonke izinselelo esinazo ngakho kumele sithole izixazululo zazo.

“Yilokho esithembe ukuthi sizokwenza. Ukuzicija kwethu okokugcina ngoMgqibelo akuhambanga kahle ngaenxa yesimo sezulu.

“Ayikho kodwa into ehlale iyinhle empilweni; wena kumele uthole icebo lokumelana nesimo.

“Empeleni nje bonke abadlali abebedlala esiswini emdlalweni wethu odlule abekho.

“Kodwa sinabo ke abadlali abebelokhu besebenza begade leli thuba. Manje sekukubo ukuthi bangikhombise ukuthi bengidukile ngokubashiya ngaphandle.

“Sizoshintsha lapha nalaphaya ukubona ukuthi yini esingabuya nayo kulo mdlalo.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.