UBaxter ubiza ingoma abazoyivumela phezulu abalandeli beChiefs

UBaxter ubiza ingoma abazoyivumela phezulu abalandeli beChiefs
UCole Alexander
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Okufunwa abalandeli beKaizer Chiefs ukuzwa umqeqeshi uStuart Baxter ethi bazoyidudula iMamelodi Sundowns ngesizini ezoqala futhi ngeke bayiyeke izenzele umathanda.

Nangempela lo mqeqeqeshi uthe nakanjani iChiefs izobe ingelinye lamaqembu alwela isicoco kule sizini ka-2021-2022.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu. IChiefs ilungiselela ukubhekana neSundowns emdlalweni weMTN 8, ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Umdlalo omkhulu lo wangempelasonto. IChiefs uma ibhekene neSundowns kuhlale kuwumdlalo omkhulu,” kusho uBaxter.

“Leli qembu (iSundowns) selenze okukhulu kumasizini edlule. Sekukuthina ukuthi senzenjani mayelana nokulijaha, ukuzama ukuliketula.

“Ngicabanga ukuthi sizobe sikhona emjahweni futhi sizoba nesandla ekutheni indebe ishona ngakuphi ekupheleni kwesizini.”

IChiefs isanda kuwina iCarling Black Label Cup ngokushaya i-Orlando Pirates kumaphenathi. Akungabazeki ukuthi lokhu kuyigqugquzele kakhulu.

“Kuseva kakhulu kithina. Kuseva uma kukhulunywa ngokwenza iqembu libe yilokhu esikufunayo. Kukhona abadlali ababuya okulimaleni.

“Kusamele sifake nabadlali abasha endleleni yethu yokudlala. Nokho ngiqine idolo ngoba abadlali benza umsebenzi omuhle kakhulu.

“Sebevele banakho ukuhlangana okuzokwenza kube nzima ukuthi udlale nathi,” kusho uBaxter. IChiefs isanda kusayinisa inqwaba yabadlali abasha.

Ngabe iningi labo lizobonakala uma seyibhekene neSundowns? “Nginesiqiniseko uzobabona abanye babo (emdlalweni weSundowns).

“Wonke umuntu unendlela ehlukile yokuqala uma kukhulunywa ngokuthi bangena nini khaxa eqenjini, nokuthi mangakanani amava abanawo lapho besuka khona.

FUNDA NALA: Ilahlwe yicala iRoyal AM ngokugoloza ukudlala

“Umdlali ofana noCole Alexander useke waba nami njengomqeqeshi phambilini. Sike sasebenza nakwiBafana Bafana. Wonke umuntu unendlela yakhe ehlukile aqala ngayo.

“Okungaba ukuthi ungumqemane ngokuphelele yini noma uqala ebhentshini. Ngakho ngicabanga ukuthi luzoba khona ushintsho kodwa ngeke lube lukhulu kangako uma ubheka abanye abadlali,” kusho uBaxter.

Egcina ukuhlangana la maqembu emdlalweni weDStv Premiership ngesizini edlule, kuwine iChiefs ngo 2-1. Ngaleso sikhathi izinto bezingahambi kahle neze kuMakhosi njengoba nokungena kwiTop 8 kube wumqansa omkhulu.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.