UBaxter ubona ububi ekhefini leFifa eliphazamise iChiefs

UBaxter ubona ububi ekhefini leFifa eliphazamise iChiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ubona ikhefu lemidlalo yeFifa lingaba lihle noma libe libi.

Uma lifice iqembu lidonsa kanzima, liba lihle ngoba lithola ithuba lokuyolungisa la lingenzi kahle khona.

Kodwa uma, njengeChiefs likufice usaqala umbamba umgqigqo, liyakulimaza ngoba kungenzeka liwuphazamise umgqigqo.  

Ubona lokhu nje uBaxter iChiefs beyikhombise ukuvuka ngaphambi kwekhefu nenjoba yaguqisa izimbangi zayo ezindala i-Orlando Pirates emdlalweni weligi.

“La makhefu eFifa angaba yisibusiso noma isiqalekiso,” kusho uBaxter ekhuluma nabe-website yeqembu. 

“Siphume nomphumela emuhle emdlalweni womkhaya (bebhekene ne-Orlando Pirates) futhi ngicabanga ukuthi wonke umdlali ubefisa ukuqhubeka lapho. 

“Besinabadlali abambalwa abebesemaqenjini esizwe ehlukene.

“Kwesinye isikhathi bafike badlale, kokunye bengadlali. Uma bebuya basuke besalele emuva kumele baqinise.

“Cishe wonke umqeqeshi engafisa ukuba iqembu lakhe lihlale lindawonye ngaso sonke isikhathi.

“Kukubuyisela emuva kancane. Kodwa laba bafana basebenze ngokuzikhandla.

“Sabanika ikhefana losuku noma ezimbili sabe sesibuyela khona emsebenzini kanti bebezikhandla ukulungisa indlela abadlala ngayo.

FUNDA NALA: IBaroka seyibuyise uThobejane ukuzoyitakula

“Kulezi zinsuku ezimbalwa ezidlule besibheka indlela esizodlala ngayo uma sesibhekene neMaritzburg (United).”

IChiefs izogadulisana neMaritzburg emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium ngeSonto ngo-5.30 ntambama.  

“Siyazi kahle iMaritzburg. Abadlali bayo sibazi kahle. Siyazi ukuthi u-Ernst (Middendorp) umqeqeshi othanda ukumangaza ngamaqhinga akhe asuke ewahlele lelo qembu adlala nalo. 

“Kumele uma uzobhekana neMaritzburg wazi izinseko zayo ukuze wazi engase ikwenze. 

“Kulapho ongabe sewukwazi futhi okufuneka ube sewuhlela iqhinga lakho lokubhekana nayo,” kuchaza uBaxter. 

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.