UBaxter ucasha ngesithupha ngokusaba kweChiefs iGalaxy

UBaxter akanaso isiqiniseko sokuthi ezakhe ziyayisaba iGalaxy
OkaDonga Gumbi

UStuart Baxter ukuvumile ukuthi iKaizer Chiefs idlale inokuthuka ngesikhathi ibambana neTS Galaxy ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibilli kusihlwa.

Amakhosi ahlulekile ukwakhela phezu komdlalo omuhle abe nawo ngesikhathi eshaya iChippa United ngo 3-1 ekuhambeni ePort Elizabeth ezinsukwini ezintathu ezidlule.

NgoLwesibili, iChiefs beyihluleka ngisho ukuhlanganisa amaphasi amahlanu okwenze umdlalo waba ngugingqigongqo ongaqondakali ukuthi ubhekephi.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi kungaba yileyo inkinga,” usho kanje uBaxter ebuzwa ukuthi kungenzeka yini ukuthi iyabathusa abadlali bakhe iTS Galaxy ngenxa yeyakwenza kubo phambili.

Phela sekuze kwaba kabili iGalaxy ishaya iChiefs kwiNedbank Cup. Emidlalweni yeligi basadlale ngokulingana kwemithathu, iChiefs yawina owodwa.

“Ngicabanga ukuthi siwuqale kahle umdlalo. Kodwa sibuye salahlekelwa wumgqigqo wethu – savuma ukuwudedela uphunyule.

FUNDA NALA: IChiefs itatazeliswe yiTS Galaxy yagcina inikele ngamaphuzu

“Lokho ke kwenza niphisane ngebhola kalula, kube wumdlalo onokuthuka phakathi. Bebedlala ngokwethuka, nathi ngokunjalo.

“Uyafisa ukuthi ukususe lokho kuthuka. Angikholwa wukuthi kwenziwa wukuthi basuke belokhu becabanga ngokwenzeka emidlalweni yaphambilini bebhekene neTS Galaxy. Angicabangi kanjalo.  

“Emdlalweni weChippa… Besinomdlandla, besidlala kahle kodwa nanamuhla kukhona la besike sidlale kahle khona kodwa bekuba yisikhashana nje.  

“Sidinga ukukwelula lokho, uma ngingabheka ngokuthi yikuphi okubi nokuhle okwenzekile namuhla, ngingathi kube u-50-50.

“Inkinga ke ngeke wakhe umgqigqo uma kunjalo. Ukudlala ngokulingana ekhaya yinto engasilungele neze thina.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.