UBaxter uchaza ngokuzokwenzeka kwiChiefs, cishe kuzodedelwa inqwaba

UBaxter usechaza ngokuzokwenzeka kwiChiefs, kungase kudedelwe
UStuart Baxter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kungenzeka kube nezinguquko ezinqala kwiKaizer Chiefs ezizokwenziwa ezinsukwini ezimbalwa ezizayo njengoba leli qembu seliqedile ngeCAF Champions League. IChiefs ihlulwe yi-Al Ahly ngo 3-0 kowamanqamu ngoMgqibelo ebusuku.

Abanye babadlali abebedlala ngoMgqibelo bebelulelwe izinkontileka ngenyanga eyodwa kulandela ukuthi zaphela ngoJuni. UBernard Parker, obengukaputeni ngoMgqibelo, Philani Zulu, Willard Katsande noKhama Billiat ngabanye balabo abaphelewe yiznkontileka benyuselwa ngenyanga.

Manje sekulindeleke ukuba kunqunywe ngabazogcinwa nabazodedelwa kubo njengoba lizokwakhiwa kabusha leli qembu. Ngesizini edlule iChiefs ayisayinanga muntu ngenxa yesigwebo seFIFA.

Ebuzwa ngalokhu nokwakha kabusha iqembu, umqeqeshi uStuart Baxter ucashe ngesithupha akangaphumela obala. Uthe inkinga enkulu abazoba nayo yisikhathi njengoba singasesiningi esisele ngaphambi kokuqala kwesizini entsha ngasekuqaleni kuka-Agasti.

“Kumele sibukisise konke ngalo mdlalo,” kusho uBaxter. “Abadlali nabo kumele benze izethulo ngamunye ngohambo lwabo kulo mqhudelwano, bese sibheka ukuthi sikuphi njengeqembu.

“Kumele sibheke ukuthi sishoda kuphi. Sibheke isizathu esenze sahluleka ukuwina namuhla (ngoMgqibelo) nokuthi kungani iqembu lazabalaza kanje ukungena kwiTop 8 (ngesizini edlule). Inkinga nje wukuthi asisenaso isikhathi sokuzilungiselela, ngisho singabathola abadlali abasha.

“Yiyona inkinga esibhekene nayo leyo… sizolanda abadlali abangaki? Sizokwazi ukukwenza ngokushesha lokho? SIngakanani isikhathi esinaso ukubahlanganise sibenze babe yinqanawe elwayo?

“Lokhu, njengoba sibonile ngale miphumela kule ndebe, umsebenzi odinga isikhathi. Kumele sibuyele emuva siyolungisa, siduduzeke ngokuthi senze kahle kwiCAF.

“Kodwa bese singakhohlwa wukuthi kusekhona okumele kwenziwe ngoba igebe eliphakathi kwala sikhona nala sifuna ukuba khona likhudlwana impela njengamanje,” kuchaza lo mqeqeshi ozalwa eScotland.

IChiefs seyivele ibethulile emphakathini abadlali abane ebasayinile okungoSifiso Hlanti, NJabulo Ngcobo, Kgaogelo Sekgota noPhathutshedzo Nange. Kulindeleke yethule noThabani Dube obedlala kwiRichards Bay oseqenjini leBafana Bafana njengamanje.

FUNDA NALA: UBaxter uzicwecwile ekhuluma ngekhadi elibomvu ebaqhathe nenduku ye-Al Ahly

UBaxter ube esedlulisela nomlayezo kubalandeli baMakhosi, nabantgu baseNingizimu Afrika yonkana: Ngethemba ukuthi bakujabulele ukubona laba bafana behamba beze befika la bekhona manje.

“Enye yezinto ezinhle ngokufika kowamanqamu ukuthi unikeza abantu igunya lokuba nethemba, babe namaphupho. KUbalandeli bethu, ngethemba ukuthi bayabona ukuthi yinto esakhiwa lena kodwa izinkomba zinhle.

“Ukuthi kuzoshesha kanjani ukuhlangana kuzoncika ezintweni eziningi okukhona kuzo ukuthi siyasekana yini. Abalandeli kumele bagqugquzeleke ngalokhu bese bebaseka kakhulu kunakuqala laba bafana. Sizobabusisa kule sizini ezayo.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *