UBaxter uchazekile ngakubona kwenzeka kwiChiefs asayihlanganisa

UBaxter uchazekile ngakubona kwenzeka kwiChiefs asayihlanganisa
UStuart Baxter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uchazekile umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ngendlela izinto ezikhomba ukuthi zizosheshe zilunge ngayo kuleli qembu.

UBaxter ulibumba kabusha leli qembu ebelifathuza kule minyaka embalwa edlule nelagcina ukudla isicoco lisaqeqeshwa nguyena kudala.

IChiefs isadlale umdlalo owodwa kule sizini la ehlulwe khona yiMamelodi Sundowns kwiMTN 8 ngempelasonto edlule.

Ike yaba nawo omunye omkhulu wokuzilungiselela la eyayibhekene khona ne-Orlando Pirates kwiCarling Cup.

Izimpawu zakhomba ukuthi umsebenzi wakhe ngeke ube nzima ngendlela abeyicabanga uBaxter.

“Ngicabanga ukuthi kungcono kunendlela ebengicabanga ukuthi kuyiyo,” usho kanje lo mqeqeshi kuleli sonto.

“Esiwombeni sesibili sibhekene nePirates, empeleni nakwesokuqala nje, indlela ebesidlala ngayo uma sesisondela ebhokisini labo beyingcono.

“Ibhola besiligcina kangcono besingajahi ukugijimela phambili siyohlasela. Kodwa besiligcina ibhola sisabheka izimbobo esizopulukutshela kuzo.

FUNDA NALA: ISundowns isazingela abanye abadlali ababili efuna ukuqinisa ngabo

“KwiSundowns saqala kabi kakhulu… kodwa sabuye savuka njengoba sagcina sibuye kade sesilandela ngemuva ngo 2-0 nje.

“Sasingavele silahle ithemba bese sizama ukuvika ihlazo ngokuthi sivale emuva, yangichaza indlela esabuya ngayo.

“Ngeke kodwa ngithi sesiseduze nala sifuna ukuba khona kodwa imbewu seyitshaliwe kanti seyiyaqhuma impela.

“Angisho ukuthi sesizobona izimbali ezinhle esizitshalile kodwa khona kuyethembisa impela,” kuchaza uBaxter.

IChiefs izovula umkhankaso wayo weDStv Premiership ekuhambeni la izobhekana khona neTS Galaxy eMbombela Stadium ngeSont ntambama.

Ngesizini yakhe yokugcina kwiChiefs uBaxter waba nesiqalo esihle njengoba babhudluza AmaZulu FC ngo 6-1 emdlalweni okwakubhoke kuwo uBeranrd Parker.

Lo mdlali osenyamanambana kubalandeli beChiefs kulezi zinsuku washaya amagoli amane besekuhambeni.

UBaxter uthi akulula beqale kanjalo kulokhu, kodwa engakujabulela uma kungaphinde kwenzeke.

“Ngingajabula kakhulu uma kungaphinde kube njalo. Kungenzeka? Cha, kodwa ngingajabula uma singaqala kahle ngokuthi sidlale kahle.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.