UBaxter ufisa abalandeli bezokweseka iqembu hhayi okunye

UBaxter ufisa abalandeli bezokweseka iqembu hhayi okunye
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs yagxuma yahlala, yaba iqembu lokuqala ukuveza obala ukujabula kwayo ngokuvunyelwa kokubuya kwabalandeli ezinkundleni.

Leli qembu labhala kwiTwitter ukuthi lisijabulele ukuthi lizophinde lihlangane nabalandeli balo elithi bangumgogodla walo.

Nokho abanye babalandeli baba ngongom’uyayona njengoba bakubeka kwacaca ukuthi lokhu kusho ithuba kubo lokuthi bayomtshela emehlweni ezikabhoqo umqeqeshi uStuart Baxter.

Ebuzwa ngokubuya kwabalandeli, uBaxter uthe yena ulindele ukuthi bazkweseka iqembu, balifake umdlandla ukuze liye phambili.

FUNDA NALA: OweSwallows uthi baziyekele bona ukushaya iSundowns ivumile

“Kunzima ukuthi ngingaqagela ukuthi ngabe abalandeli bajabule yini ngokubuyela enkundleni,” kusho uBaxter kuleli viki.

“Ngikholwa wukuthi sinabalandeli abaziphatha kahle futhi abethembekile eqenjini. Ngicabanga ukuthi sebekubheke ngabomvu ukufika bazosiza ukufukula iqembu.

“Bazoba wusizo oluzonika abadlali umdlandla ukuze bawakhiphe wonke amangwevu. Yilokho engikholelwa kukho. Kodwa ke anginasiqiniseko ngoba angikho esimweni sabo,” kusho uBaxter.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.