UBaxter ujabule ngewini ebalulekile ngaphambi kowomkhaya

UBaxter ujabule ngewini ebalulekile ngaphambi kowomkhaya
U-Evidence Makhgopa noNjabulo Blom
OkaDonga Gumbi

Kuvele kwacaca indlela akhulume ngayo umqeqehsi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ukuthi ubengeke abasole kakhulu abadlali bakhe ukuba abawinanga kwiBaroka FC ngoMgqibelo kusihlwa.

Amakhosi aguqise iBaroka ngo 1-0 emdlalweni obusePeter Mokaba Stadium yathola amaphuzu amqoka njengoba isemkhankasweni wokwenyuka kilogi yeDStv Premiership. 

Le wini ithathe iChiefs yayigxumisa yeqa i-Orlando Pirates yayohla endaweni yesibili njengoba seyinamaphuzu angu-32 ngemuva kwemidlalo engu-18.

Nokho isasalele emuva ngamaphuzu angu-16 kwiMamelodi Sundowns okuyiyo esazihola phambili kule ligi okubonakala izoyidla ihlandla lesihlanu kulandelana. 

Isizathu ebesizokwenza uBaxter angaxwayi kakhulu uma bengazange babuye nomphumela omuhle eLimpopo wukuthi ubazi kunomdlalo womkhaya obusezingqondweni zabo.

“Laba bafana bafanelwe ukunconywa… Kumele banconyelwe izinto ezimbili; okokuqala wukuthi baqhubekile bzikhandla bekholwa wukuthi sisangawina yize bese silahle inqwaba yamathuba. 

“Ngicabanga ukuthi sakhe amathuba angu-16 kodwa kwasihlula ukuwasebenzisela ukuzibeka endaweni enhle,” kusho uBaxter ngemuva komdlalo.  

“Okunye wukuthi ngoba sizobhekana nePirates emdlalweni olandelayo futhi ngokujwayelekile abadlali bayaye badembesele emdlalweni owandulela owomkhaya.  

“Sizimiselile. Sizothatha okuhle okwenzeke kulo mdlalo, engicabanga ukuthi kube kuningi bese sibuyea nakho ekhaya. Siyawemukela namaphuzu amathathu njengoba sesibheke kowomkhaya.” 

Le wini yeChiefs iqhamuke ngegoli likaKhama Billiat alishaye sekubalwa imizuzwana umdlalo uphele okuyinto eyenze waxoleleka yena nozakwabo uKeagan Dolly ngenqwaba yamathuba abadlale ngawo.

UBaxter uthi kudingeke bacabangisise ngaphambi kokwenza izinguquko ngoba bebesabela ukuthi iBaroka ingase ibazume uma beke benza iphutha.

FUNDA NALA: UMngqithi ucacis angekhadi elibomvu elitholwe uRulani

“Ngilinde isikhathi eside ngaphambi kokwenza ushintsho ngoba iBaroka beyiyingozi kakhulu ngokuthumela amabhola amade ebhokisini lethu.

“Ngakho bengidinga ukuba nezitobha ezintathu eziqatha emuva ukuze ziwangqofe ziwakhiphe lawo mabhola.

“Kodwa kuthe ngasekugcineni sanquma ukuthi asisale sesizinikela, sihlasele ngayo yonke into esinayo. Sibe sesifaka abadlali abahlaselayo.

“Sikhiphe isitobha sabe sesifaka uBibo (Sabelo Radebe) noLebza (Lebogang Manyama) abangabadlali abahle uma kuhlaselwa. 

“Bangene noshintsho. Bahlaselle kwaze kwathi ekugcineni sathumela ibhola phambili lafica uKhama ela abelokhu ekhona umdlalo wonke.

“Kodwa kulokhu ukwazile ukulisebenzisa ithuba, walivalela enethini ibhola,” kuchaza uBaxter. IChiefs izobhekana nePirates ngoMgqibelo emdlalweni okulindeleke ushube. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.