UBaxter ukhala ngeqembu elinomazibuthe odonsa bonke abadlali

UBaxter ukhala ngeqembu elinomazibuthe odonsa bonke abadlali
UStuart Baxter
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uvele wavika ngokuthi kuncane abangakwenza bona ukuheha abadlali ngoba kuneqembu elinomazibuthe wabo.

Lokhu ukusho ngesikhathi ephendula imibuzo ngokuhudula izinyawo kweChiefs ekusayineni abadlali.

La mazwi ubewaqondise kwiMamelodi Sundowns okuyiyo ethatha wonke ukhilimu wabadlali bese ushiyela amanye amaqembu izinsalela.

Njengoba kade kuvulwe iwindi nje, iSundowns yengez engoTeboho Mokoena, Surprise Ralani no-Erwin Saavedra ohlwini lwayo lwabadlali oluvele lunabadlali abahle bodwa.

“Ngicabanga ukuthi kulula ukubona angathi amanye amaqembu ayangoqa uma ubheka indlela izinto ezenzeka ngayo.

“Ngiyayiqonda indlela abalandeli abazizwa ngayo ngalokhu,” kusho uBaxter ngoLwesithathu. Abalandeli beChiefs bakhale bangaqeda iqembu labo lingasayini muntu ngoJanuwari.

Nokho iChiefs imtholile uSiyethemba Sithebe waMaZulu FC yize eseyoze ayijoyine ngoJuni sekuphele inkontileka yakhe boSuthu.

FUNDA NALA: Umqeqeshi weBurkina Faso unethemba lokuyiqumba phansi iSenegal kwi-Afcon

“Kodwa ngingabaqinisekisa ukuthi kuningi esikwenzayo ukulandela badlali, sizame ukubathola bese sibephucwa kalula nje.

“Vele ke indlela okwenzeka ngayo emakethe evulelekile uma kukhona iqembu elilodwa elingomaliyavuza,” kuchaza uBaxter.

“Uma kukhona umdlali esimfisayo nabo bemfuna amathuba makhulu okuthi aphelele kubo. THina kumele sihlakaniphe endleleni esenza ngayo.

“Ngicabanga ukuthi sikwenzile lokho. Uma ubheka abadlali abakhona emakethe njengamanje sizamile ukuthola abasezingeni elizosenza sisondele kwiSundowns.”

Uvumile lo mqeqeshi ukuthi yize abafana bakhe bekhula kahle ubengakujabulela ukuthola umdlali ofana noMokoena.

UBaxter ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iNedbank Cup la iChiefs izobhekana khona neTS Galaxy ngoFebhuwari 12.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.