UBaxter uncoma uPetersen obavikele iPirates isho ukubaqeda

UBaxter uncoma uPetersen obavikele iPirates usho ukubaqeda
UBeandon Petersen
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, uthi ukuba akubanga ubuqhawe bukaBrandon Petersen obesezintini bebhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo, ngabe kukhulunywa okunye kumanje. 

IChiefs ishaye labo makhelwane bayo baseSoweto ngo 2-1 kwidabhi yaseSoweto e-Orlando Stadium, yawola amaphuzu uBaxter athi abenza bangaphumi embangweni wesicoco seDStv Premiership. 

UPetersen uvimbe inqwaba yamabhola abemabi ethunyelwa yiPirates, ebizama ukubuya kade seyilandela ngemuva, ikakhulukazi ngasekupheleni komdlalo.

Ibhola ebeliyingozi alivimbile yilapho abebhekene khona ngqo noTerrence Dzvukamanja obesephume yedwa. 

“UPetersen ubesefomini enhle, yilokhu aba kuyona kusukela eqalile ukudlala,” kusho uBaxter osolwa ngabanye ngokukhetha lo nozinti ashiye ngaphandle izinsephe, o-Itumeleng Khune noDaniel Akpeyi.  

“Leli bhola alivimbe ekugcineni ilona elisiwinisile, akunjalo? Umgadli ubesephume uqekelele, wamvimba. Ukumvimba kwakhe kujike izinto.

“Vele yilokho asuke ekungenele enkundleni, yilokho vele asuke ekujimela. Ufanelwe ukunconywa okukhulu. Usekhombisile ukuthi uyafuna ukuyenza eyakhe le ndawo,” kuchaza uBaxter.

FUNDA NALA: IMathaithai yincwadi engafundeki kwiSundowns ezozabalaza nayo kwiNedbank Cup

UPetersen kudingeke alinde unyaka wonke ngaphambi kokujoyina ngokugcwele Amakhosi kwazise wafika kuwo ngesikhathi esasesigwebeni sokungasayinisi abadlali.

Ufikele phezu konozinti abasezingeni eliphezulu njengoba bekuvele kukhona uKhune, othandwa ukufa ngabalandeli, no-Akpeyi obekunguye obedlala njalo.

Bekukhona noBruce Bvuma obelokhu elunguza eqenjini eliqala imidlalo futhi kubhekwe ukuthi agcine kunguye odla le ndawo.

Nokho okusize lo nozinti odabuka eKapa wukuthi laba abanye bangabi khona eqenjini ngoJanuawari. U-Akpeyi ubeseCameroon kwi-Acfon neNigeria.

UKhune noBvuma bona bebekwiGauteng Warriors kwiDStv Compact Cup, yena esele yedwa eqenjini kanti lokho ukusebenzise kahle.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.