UBaxter uphawula ‘ngesitufuza’ esiwuDolly nesizokwenza kwiChiefs

UBaxter uphawula 'ngesitufuza' esiwuDolly nesizokwenza kwiChiefs
UKeagan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Kaizer Chiefs

Isisho sesiNgisi sithi isithombe sixoxa indaba yamagama ayinkulungwane sibe sizithulele nje. Yingakho nezithombe zokuqala ezakhishwa yiKaizer Chiefs ngesikhathi yethula uKeagan Dolly zabakhathaza abaningi.

Kulezi zithombe kwavela ukuthi yize ejatshulelwe sengathi wusuku lukaNcibijani, kodwa kusazothatha isikhathi ukuthi adlale uDolly.

Kwavela ukuthi uDolly, obesehlale iminyaka emithathu eFrance useyisitufuza. Isitufuza yigama lesimanje elichaza umuntu ozimukile emzimbeni.

Nomqeqeshi wakhe, uStuart Baxter ukuvumile ukuthi lo mdlali uzimukile futhi kusazomele bamsebenze ejimini ngaphambi kokuthi abonakale enkundleni.

“Ngizokhuluma iqiniso njengomuntu efa, sithathe uKeagan obesesimweni la ebengadlali khona isikhathi eside,” usho kanje uBaxter ebuzwa ngalo mdlali.

Bekungemuva komdlalo weCarling Cup la Amakhosi eguqise khona i-Orlando Pirates sekukhahlelwa amaphenathi ngempelasonto edlule.

“Usebe nesikhashana engadlali kanti lokho kusho ukuthi usezimukile futhi kumele asehlise isisindo,” kuqhuba yena lo mqeqeshi.

FUNDA NALA: Kuyacika nje ukuthi abacwasi banikwa izikhundla kwikhilikithi
Nokho ukuvezile ukuthi uyamthanda lo mdlali futhi uyakwazi azokwenzela iqembu uma esesesimweni esikahle sokuthi angadlala.

“Ngesikhathi esalwa nokwehlisa isisindo, uzobe efunda nangendlela esidlala ngayo. Uma esebuya uKeagan kuzoba ngcono.

“Kodwa uma kukhona abadlali abena kahle ngesikhathi esesesimweni esihle sokuthi engadlala, bazobe bemphonsela inselelo yokuthi kuzomele alilwele ijezi.

“UKeagan kusazothatha isikhathi kodwa ngiyamthanda uKeagan Dolly njengomdlali futhi uma esefithi uzosinikeza indlela ehlukile yokudlala,” kuchaza uBaxter.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.