UBaxter useyitholile indlela azoqhakazisa ngayo uKambole kwiChiefs

UBaxter useyitholile indlela azoqhakazisa ngayo uKambole kwiChiefs
ULazarous Kambole
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

ULazarous Kambole useneminyaka afika kwiKaizer Chiefs kodwa izinto azimlungeli ngale ndlela yokuthi ubefakwe ohlwini lwabadayiswayo kodwa akukho oqhamukile wathi uyamfuna.

Nokho kubukeka izinto zizojika kulo mgadli waseZambia njengoba umqeqeshi weChiefs uStuart Baxter ethi useyitholile indlela azomdlalisa ngayo.

UKambole ushaye igoli lakhe lesibili kusukela afika kiwChiefs ngesikhathi beguqisa iChippa United ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.

“Okubaluleke kakhulu kithi wukuthi ubebeneviki elihle ejiminini ngesikhathi siziqeqesha,” kusho uBaxter ebuwa ngegoli lalo mgadli.

“Angicabangi ukuthi uLaz ungumgadli ofanayo noBernard Perker noKHama Billiat. Akafani nabo, yena uthanda ukusebenza eqhamuka ngemuva kwezitobha.

“Kumele sikuqonde lokho ngaye bese simsebenzisa ngendlela efanele. Kubalulekile ukuthi afunde ukukala kahle izikhathi okumele anyakaze ngazo.

FUNDA NALA: U-Ellis ulande zonke  izingqwele zakhe kwiBanyana

“Ube neviki elihle futhi ngikhulumile naye ngaphambi komdlalo ngimtshela ukuthi uzongena futhi ngifuna azethembe uma esethola ithuba.

“Nempela ungene wakhombisa ukuzethemba. Igoli kufanele ukuba liyinto enkulu kuye ngoba lizomenza aqale azikalele izinto angazizuza. Sizobona ukusuka la kwenzekani.”

UBaxter ujabulile nangendlela iqembu lakhe lilonke elidlale ngayo kulo mdlalo. Uthe ukube bebengazange baxeise, ngabe amagoli abe amaningi.

UKeagan Dolly nguyena obe liqhawe eshaya amagoli amabili kwase kuthi uKhama Billiat naye washaya elilodwa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.