UBaxter ushaywe yi-Arrows waluvuma utalagu oluyiSundowns

UBaxter ushaywe yi-Arrows waluvuma utalagu oluyiSundowns
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ubelokhu eshumayela ivangeli lokuthi basangayihubha bayifice iMamelodi Sundowns yize abaningi bebebona kufana nokujaha utalagu nje. 

Abanye bebethi uyaziphuphela nje lo mqeqeshi. Uma bekunjalo, iGolden Arrows imvuse kabuhlungu, yaphazamisa nephupho lakhe lokufica utalagu. 

Abafana Bes’thende baphendule iChiefs iminqolo beyishayela ekhaya kubo eFNB Stadium emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku. 

Lokhu kusho ukuthi iChiefs isasalele ngamaphuzu angu-16 kwiSundowns kanti nale midlalo emithathu eyigodlile ayibonakali isangayisiza ukufica leli qembu laseChloorkop.  

Amakhosi aye kulo mdlalo esanda kuvunwa yisinqumo sikamahluleli esithe imidlalo engakwazanga ukuyidlala ngoDisemba kumele ibuyele enkundleni.

Lokhu, ngokusho kukaBaxter, bekumele kubafakele umfutho wokuthi bawole amaphuzu amathathu kwi-Arrows.  

“Ngijabule ngokuthi sizoyidlala leyo midlalo emibili. Ngicabanga ukuthi lokho bkumele kubafake umdlandla abafana,” kusho uBaxter. 

“Kube yisinqumo ebesisifuna. Sifuna ukuthi imiphumela yemidlalo iphume enkundleni. Besifuna ithuba lokuwadlalela amaphuzu… 

“Mhlawumbe (lesi sinqumo) sibe nomthelela omubi, kunzima ukuqagula njengamanje. Mina bengilindele ukuthi laba badlali bayakwazi ukubhekana nanoma yisiphi isimo. 

“Ukuthola ukuthi sizonikwa ithuba lokudlala leya midlalo bekumele kubonakale ngokuzimisela ukuwola amaphuzu aphelele namuhla.”

Ukuvumile uBaxter ukuthi mhalwumbe ukukhuluma kwakhe ngokuthi uma bengawina lowa mdlalo, naloya bengasondela kwiSundowns kubafakele ingcindezi abadlali bakhe.

FUNDA NALA: IChiefs income ubulungiswa ivunwa isinqumo sikamahluleli

“Impela bekukhona ukuqagula. Bekungukuthi uma sithola leya midlalo isinika ithuba lamaphuzu ayisithupha, bese kuba yilo mdlalo weSundowns.

“Wona usinika ithuba lamanye amaphuzu amathathu. Kodwa umuntu ocabanga kahle uyazi ukuthi lokho wukugaqula nje okungenzeka, akuyona into eqinisekisiwe ukuthi izokwenzeka.

“Bekumele senze umsebenzi wethu namuhla, siwine lo mdlalo bese sifakela iSundowns ingcindezi. Isincane ke manje le ngcindezi.

“Sebengakwazi (abeSundowns) ukuzikhululekela emidlalweni yabo. Besifuna kungenzeki kanjalo. Besifuna baye emidlalweni yabo benokuthuka ukuthi uma beke baphazama, kukhona ozobafica.

“Akusekhokonke ke lokho manje. Ngeke wazi ukuthi konke lokhu kusiphazamise kanjani kulo mdlalo wanamuhla, kodwa ngicabanga ukuthi siqine ngokwanele ukuthi sizokwazi ukukudlulisa lokhu.”

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *