UBaxter uthi abalandeli abancike kuye, uzobabumbela umbayimbayi wento

UBaxter uthi abalandeli abancike kuye, uzobabumbela umbayimbayi wento
UStuart Baxter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Into ayidingayo uStuart Baxter kwiKaizer Chiefs ukuze aphendule leli qembu umbayimbayi oqotha konke okuphambi kwawo yisikhathi.   

Sekukaningi uBaxter ekhuluma ngokuthi ufisa lidlale kanjani iqembu lakhe njengoba esebuye isibili nje kwiChiefs. 

Nokho lokhu akukhulumayo nokubonakala enkundleni kuthanda ukuphikisana ngenxa yokuthi imiphumela iyamfimfa.

Ngokwabanye babalandeli, ayikho into esangenziwa yilo mqeqeshi noma enganikwa eside kangakanani isikhathi.

Kodwa uma kubukwa izinto ngeqiniso, zikhona izikhathi la iChiefs beyikhombisa ukuthi nebala ingaba umbayimbayi uBaxter awethembisile.  

“Ngethemba ukuthi abalandeli bazoncika kithi futhi bayayiqonda le ndlela esikuyo,” kusho uBaxter muva nje. 

“Ngicabanga ukuthi kuningi osekuvelile okusigqugquzelayo ukuthi sithembe ukuthi sizogcina siyingozi uma nje sike sathi ukwengeza kulokhu esiyikho manje.”  

Kodwa lokho akufunayo uBaxter kubukeka kunzima ukukuthola kwazise imidlalo eyisithupha kwiDstv Premiership seyidlulile kungenzeki.

Kumanje uBaxter akakabi nalo iqembu eliqondile eliqala imidlalo okuyilo angazishaya isifuba ethi uma elibophele uphuma nawo umphumela.

Usalokhu eqhubekile nokufuna ukusebenzisa indlela entsha yokudlala ebukeka ibagqilaza abanye babadlali bakhe.

Ufuna ukusebenzisa isitobha isiswini ukuze sivikele udonga lwasemuva sisuka esiswini kodwa ukuthola umdlali ozobamba le ndawo kusenzima.

Useke wazama ngoNjabulo Ngcobo, kwangahamba kahle waze wagcina ena amaphutha angemahle.

Emdlalweni olandelayo wazama uThabani Dube naye kwabhimba njengoba wagcina enza amaphutha aqhatha iqembu nenduku.

Kodwa uBaxter usenethemba elisha lokuthi sekuyalunga futhi usezomthola umdlali ozowenza ngale ndlela afisa ngayo lo msebenzi.

Ubuyisele uNgcobo kule ndawo bebhekene naMaZulu FC emdlalweni wabo wokugcina kanti wachazeka ngendlela adlala ngayo.

“Sibuyele ekusebenziseni i-4-4-3 sabe sesisebenzisa uNjabulo Ngcobo endaweni entsha. 

“Kwezinye izikhathi ukhombise ukuba nawo amava okuyidlala le ndawo njengoba ebekwazi ukudedela oCole Alexander noPhathutshedzo Nange ukuba bayohlasela. 

“Lokhu kwenze saba nabadlali abaningi abangena ebhokisini lezitha uma sihlasela bese kuthi uma kugotshwe ibhola libathole,” kuchaza uBaxter. 

FUNDA NALA: UBroos uveza okwenze wakhipha uMabasa kwiBafana

Lo mqeqeshi ubezothola isikhashana sokuqinisa amabhawodi awabona exega eqenjini lakhe njengoba kunekhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe.

Kodwa kunabadlali beChiefs abasemaqenjini esizwe ngakho kuncane abengakwenza ukulungisa izinto.

UNgcobo lo amfuna endaweni entsha ukwiBafana Bafana kanti akukho abengakwenza uBaxter ukumsia ayijwayele le ndawo.

Umdlalo olandelayo weChiefs uzoba ngoMgqibelo ntambama uma seyibhekene neChippa United eFNB Stadium’ kwiDStv Premiership. 

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.