UBaxter uthi i-VAR ingabasiza onompempe bakuleli ababozayo

UBaxter uthi i-VAR ingabasiza onompempe bakuleli ababozayo
UStuart Baxter
OkaDonga Gumbi

UStuart Baxter ukholwa wukuthi uma kungalethwa uhlelo lokubuyekeza okwenzeka enkundleni kusetshenziswa ividiyo olubizwa nge-VAR kungaphela ukukhala ngezinqumo zonompempe.

Ukusho lokhu ngesikhathi ebuzwa ngezinqumo ezingahambanga ngendlela kwidabhi yaseSoweto emasontweni amabili edlule.

Iningi lezinqumo ezingezona kulowa mdlalo zazivuna i-Orlando Pirates njengalesi segoli likaKwame Peprah alishaya esesendaweni engamfanele.

Kukhona nala umsizi kanompempe ancisha khoan iChiefs ithuba lokushaya igoli ethi umdlali wayo ubesesendaweni engamfanele ekubeni kungenjalo.

“Leyonto (i-VAR) ingasiza isuse ingcindezi kubo (onompempe),” kusho uBaxter. “Kungabasiza ngoba uma kunesinqumo esikhulu ngeke bathathe esingafanele.

“Lokho kungabenza bazethembe nabo kanti ngethemba ukuthi lokho kungenza nezinga lomsebenzi wabo ube ngcono.

“Mhlawumbe ngabe sibone okwehlukile (ngomphumela womdlalo). Angifuni ukukhala kakhulu ngonompempe, ngizama nje ukubeka umbono wami ngokuthi kungani iVAR ingaba wusizo,” kusho uBaxter.

IChiefs yaba nenhlanhla yokuthi noma izinqumo ziyicindezela kodwa yakwazi ukugcina iwinile kulowo mdlalo.

IMamelodi Sundowns yona yagcina ihluliwe yiMaritzburg United emdlalweni weligi ngenxa yezinqumo ezikhalisayo.

Umqeqeshi wayo, uManqoba Mngqithi wayecasuke ethelwa ngamanzi  ngemuva komdlalo ethi onompempe bayasehlisa isithunzi sePSL ngezinqumo zabo ezingalungile.

“Okubi kakhulu nje wukuthi sihlulwe emdlalweni wesibili manje ngenxa yezinqumo ezobolile zonompempe,”  kusho uMgqithi.

FUNDA NALA: Sifezekile isifiso soweDynamos beqhathwa neSundowns

“Sihlulwa AmaZulu, ashaya igoli umdlali wabo esendaweni engamfanele. Manje nala kwiMaritzburg uNdengane ugxume wakotela phezu kukaThapelo (Morena).

“Lento yenzeke phambi kukanompempe kodwa wazithulela nje. Ubengasithwe yilutho ukuthi engathi akabonanga.

“Ukusuka lapho babekelwe iphenathi ekubeni umdlali wabo evele wadayiva nje uKennedy Mweene engakasondeli nakuye.

“Lento ikwenza uzibuze ukuthi ngabe kumele sihlulwe ngenxa yonompempe noma ngoba sihlulekile wukwenza okufanele?”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *