UBaxter uthi iChiefs ibizolala isibili ukube isaphekwa wuye

UBaxter uthi iChiefs ibizolala isibili ukube isaphekwa wuye
UStuart Baxter
OkaDonga Gumbi

UStuart Baxter, obengumqeqeshi weKaizer Chiefs useveze okwenza avume ukushiya kuleli qembu nokuthi ukube akahambanga beyizoqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership.

Lo mqeqeshi ukhonjwe indlela kuMakhosi ngenyanga edlule, kwab esekubanjiswa u-Arthur Zwane noDillon Sheppard endaweni yakhe.

Yize engazange adalule ukuthi yini le athi beyenza kungasebenzeki, kodwa uthe bese kunokungazwani obekungeke kulungiseke phakathi kwakhe nabaphathi.

Ekhuluma nabeSABC Sport, lo mqeqeshi waseBritain uthe into eyambuyisa kwiChiefs wukuthi wayezitshela ukuthi engasilungisa isimo sayo. 

Phela leli qembu selokhu lagcina ukuwina indebe ngesikhathi sehlandla lakhe lokuqala ngo-2015. Ukusuka lapho seyifana nabakhwekazi bakudala.

“Okokuqala nje, umlando wami neChiefs ukhethekile. Unendawo ekhethekile enhliziyweni yami,” kusho uBaxter.

“Futhi ngaphambi kokubuya kwami benginezinkumbulo ezinhle zodwa ngaleli qembu… Bekungezenjabulo, ezokuzimisela nobudlelwano obuhle nabalandeli nabadlali engangisebenza nabo.

“Kubalulekile ukuthi ngikucacise lokho. Yilokho okwenza ngibuye yize kuhlale kushiwo ukuthi akumele ubuyele endaweni owashiya kuyo.  

“Ngesikhathi ngibuya, bengazi ukuthi kwakwenzekeni phambilini. Bengazi ukuthi kusale kwenzekani ngesikhathi ngingekho.

“Kodwa benginentshisekelo yokuzolungisa isimo. Izinto ebezikhulunywa ngami neChiefs bezingenza ngikholwe wukuthi sizolungiseka isimo.

FUNDA NALA: UNomvete uthi akubonelwe kwiCameroon ngokuphathwa kwebhola

“Ngesikhathi ngibuya bengazi mningi umsebenzi okumele wenziwe… Hhayi ngoba abaqeqeshi abebekhona phambi kwami babengawenzanga umsebenzi.

“Kodwa ngenxa yokuthi bekunezimo ezingezinhle njengalesi sokuvinjelwa ukusayina abadlali nokubheduka kweCovid.”

Ube eseveza ukuthi isimo sigcine sesisibi ngendlela yokuthi bekungasasebenzeki nhlobo kuleli qembu, baze bagcina benqume ukuthi kwehlukanwe. 

“Kumele ngikusho lokhu, isimo sokusebenza besingasesihle phakathi kwami neChiefs. Ngakho sahlala phansi savumelana ukuthi kwehlukanwe.

“Lokho kwakunzima kimi ngoba bengikholwa wukuthi besizoqeda endaweni yesibili uma kusaphethe mina.

“Njengamanje angazi iChiefs izoqeda kuphi nendawo kodwa nginexhala ngoba angikwazanga ukufeza lokho.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.