UBaxter uthi iChiefs imshaye ngethembisa ejimini, yamjikela emdlalweni

UBaxter uthi iChiefs imshaye ngethembisa ejimini, yamjikela emdlalweni
Sihle Ndlovu

Ukhala ngamaphutha enziwe yiqembu lakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, ezakhe eziwashiswe ijezi yiTS Galaxy kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.

Kulo mdlalo Amakhosi abebukeka engahlangene nakancane, kanti akuzange kumangaze ukuthi umdlalo ugcine uwinwe yiRockets ebibukeka iyingozi uma iphethe ibhola.

“Ukugoqa umdlalo nje wonke, ngicabanga ukuthi ngezinye izikhathi asidlalanga kahle ngendlela ekhombisa ukuthi sinabadlali abahle eqenjini lethu,” kusho uBaxter.

“Uma ngibheka indlela ebesiyiyona ejimini, indlela izinga ebeliphezulu ngayo ukube besidlale ngaleyo ndlela ngabe sibone umphumela ongcono.

“Uma udlala umdlalo womkhumulajezi kumele ubhukule wakhe amathuba amaningi, bese uwasebenzise ngendlela.

“Senze amaphutha amaningi kakhulu okuyinto esivimbile ukuthi sithole umgqigqo wethu. Ngicabanga ukuthi emizuzwini eyishumi yokuqala sidlale kangcono futhi yithina ebesiphethe ibhola kakhulu.”

Negoli elingene ngomzuzu ka-54 libe yiphutha leChiefs elenziwe uPhathutshedzo Nange obezama ukuphasa ibhola emuva. Lihlangane no-Augustine Kwem wathi ngibonwa yini, waliqabulisa inethi.

“Ngemuva kwemizuzu eyishumi kucacile ukuthi iGalaxy ibonile ingawuwina umdlalo. Lokhu kwenziwe ukulokhu siqhubeka senza amaphutha engingabazi ukuthi yikona okwenze bakholwa bangawuwina umdlalo,” kusho uBaxter.

FUNDA NALA: Usuthu lulwe kwaphela wona amandla kwiRaja Casablanca, lwagcina lugobile

Okunye okuhlaluke ngeChiefs kulo mdlalo ukuthi abadlali bayo abayiphaphamisayo, abafana noKeagan Dolly noNKosingiphile Ngcobo, bebengadlali ngendlela abajwayele ngayo ngoMgqibelo, ikakhulukazi ngesiwombe
sokuqala.

“Akukho nje lapho sidlale khona sakhombisa ukuba nomgqigqo omuhle ohambisana nabadlali abahle esinabo eqenjini. Lokho kuyaphoxa kakhulu,” kuphetha uBaxter.

Kuzomele babhukule abafana bakaBaxter njengoba benomdlalo onzima weDStv Premiership lapho bezobhekana khona neCape Town City eKapa ngoLwesibili.

Nayo iCitizens isazikhotha amanxeba ngemuva kokushaywa yiRoyal Eagles ngo 2-1 kwiNedbank Cup. IRoyal AM obuye kade seyilandela ngemuba kulo mdlalo ukuphoxa bafana baka-Eric Tinkler.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.