UBaxter uthi iChiefs izoba yingozi enkulu uma seyihlangene kahle

UBaxter uthi iChiefs izoba yingozi enkulu uma seyihlangene kahle
UStuart Baxter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Yize igcine iguqile sekukhahlelwa amaphenathi, kuningi okuhle umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter akubonile kuleli qembu ngesikhathi libhekene neMamelodi Sundowns.

IChiefs ihlulwe ngo 2-1 sekukhahlelwa ekubeni umdlalo bewuphele zibambene ngo 2-2. EzikaBaxter zikhombise isibindi zibuya kade sezilandela emuva ngo 2-0.

“Ngicabanga ukuthi ngasekuqaleni komdlalo besilahlekelwe wulayini. ISundowns iyona ebilawula umdlalo. Indlela ebesenza ngayo uma sizama ukuhlsela beyingeyinhle neze.

“Indlela ebesivala ngayo izikhala nasemuva beyingeyinhle. Bekuthi noma sesiphethe ibhola sitatazele singakwazi ukuligcina.

“Ukusheshe ungenelwe yigoli nakho kwengeze izinkinga kodwa ngicabanga ukuthi sibuye saba ngcono ngokuqhubeka komdlalo.

“Sibe sesibamba umgqigqo ongcono kodwa kwathi kusenjalo sangenelwa yigoli lesibili,” kusho lo mqeqeshi osebuya isibili kwiChiefs.

“Ngemuva kwalokho ngicabanga ukuthi kube nesikhawu esiyimizuzu engu-15 la besidlala kahle khona futhi sashaya negoli.

“Ngesikhathi sekhefu senze izinguquko ezithile ngoba bengibona sengathi kukhona esisangakwenza futhi nabadlali bakubonile lokho bakwenza.

“Besingcono kakhulu esiwombeni sesibili. Iqembu bese lihleleke kangcono. Besivala kahle nasemuva kanti nendlela ebesihlasela ngayo beyisihlelekile.”

IChiefs ikwazile ukuthola igoli lokulinganisa futhi nelokuwina beyingalithola kodwa kwala khona ukwenza. Umdlalo udlulele esikhathini esengeziwe.

UBaxter uthi bekuvele kuzoba nzima ke lapho kwazise isizini isaqala nemisipha ayikaluleli ngendlela efanele ukuthi bengagijima isikhathi eside kangaka.

“Ngijabulile ngokuthi sikwazi ukusa umdlalo esikhathini esengeziwe kodwa bengazi ukuthi kuzofika ukukhathala/ Alikho iqembu elidlale kahle esikhathini esengeziwe.

“Besifuna ukubahlasela ngokuzumisa, sithole nama-free kick. Bona bebefuna ukugcina ibhola isikhathi eside. Ukuya kumaphenathi ke olunye udaba.

“Ngicabanga ukuthi iSundowns ikwazile ukuzibamba ingatatazeliswa amaphenathi futhi ngiyifisela okuhle emzuliswaneni olandelayo,” kusho uBaxter.

Uchazekile ke nangendlela nje iqembu elidlale ngayo ikakhulukazi kade selilandela ngemuva ngo 2-0 futhi kubukeka ezokwanda amagoli.

“Baqinile kakhulu laba bafana ngokomqondo ngoba uma sewulandela emuva ngo 2-0 kulula ukuthi uvele ulahle ithemba. Kulula ukuthi abadlali baphelelwe wukuzethemba.

FUNDA NALA: I-Arrows neCity bazoqlaa ekhaya kweyandulela owamanqamu kwiMTN8

“Kodwa silwile saze sabuya kwaba ngu 2-2 futhi bese kungawina noma ubani ngemuva kwalokho. Ukukhathala kuwanqinde womabili amaqembu esikhathini esengeziwe.

“Kumaphenathi ke kuvelele unozinti wabo. Wenze okufanayo nesakwenzelwa nguBrandon (Petersen) ngeviki elidlule (kwiCarling Cup).

“Bekuwumdlalo wethu wokuqala, sibhekene neqembu elibukhali. Ngifundile kulo mdlalo. Ngithemba ukuthi nabadlali bafundile.

“Kumele senze kangcono, futhi sisazoba ngcono. Uma abadlali bengengeza nje kulokhu abakwenzile ngicabanga ukuthi sizoba yinkinga kakhulu.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *