UBaxter uthi ngeke athenge abanye abadlali, uzolungisa laba abakhona

UBaxter uthi ngeke athenge abanye abadlali, uzolungisa laba abakhona
UStuart Baxter noKeagan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uyichaze njengobugwala obushiya imibuzo ngomqeqeshi ukugijimela ukuthenga abadlali abasha uma izinto zingahlangani.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo la iKaizer Chiefs ibanjwe khona yiTS Galaxy ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto.

IChiefs ihluleke yancama ukuhlanganisa iminyakazo esile kulo mdlalo obuseMbombela Stadium okwenze kwasla mibuzo ngokuqina kweqembu.

Kodwa uBaxter uthi ngeke yena agijimela ekuyoceleni abaphathi beqembu imali yokulanda abanye abadlali.

“Ukuthenga akuvamisile ukulungisa izinto,” kusho uBaxter uma ebuzwa ngokuthi ngabe useqedile yini emakethe kwazise iviki lokugcina leli.

“Ngicabanga ukuthi uma uzodlala ngokulingana ekuhambeni bese ucabanga isixazululo kube ukuyothenga abanye abadlali kushiya imibuzo ngomqeqeshi.

“Sizoqininisa ekuzicijeni ejimini, sizozama ukubafaka ugqozi abadlali. Into yokuqala okumele siyenze wukulungisa izinto ejimini,” kuchaza lo mqeqeshi.

FUNDA NALA: Zigadlane zaze zabukana iTS Galaxy neChiefs ingekho egobayo

Into okukhalwa kakhulu ngayo ngoBaxter wukuthi usaqhubeka nokudlalisa uDaniel Cardoso noMulomowandau Mathoho emuva.

Ingxenye yabalandeli ibona sengathi akukho okusha laba badlali abasangakwenzela leli qembu laseNaturena.

IChiefs isayine esinye sezitobha eziphambili ebholeni lakuleli uNjabulo Ngcobo kodwa kuze kube manje akasetshenziswa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.