UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uthi kube yiphutha ukuthi kudedelwe uLebogang Manyama kube nguye oshaya iphenathi ngesikhathi behlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-0.
IChiefs inikwe iphenathi ngesikhathi iSundowns seyihamba phambili ngo 2-0. Ibhola ebeligotshwe nguCole Alexander lizishayise esandleni kuRivaldo Coetzee.
Unompempe ube eselikhomba emlotheni. Kuthuse abaningi ke ngesikhathi kuba nguManyama ophumayo ukuyoyishaya.
Ube eseyishaya kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini qede labuyela enkundleni kwaba wukusinda kweSundowns.
Ukube ubeyikorile, ingcindezi beyizoba nkulu kwiSundowns futhi kunenkolelo yokuthi iChiefs ibingalintshontsha noma iphuzu kulo mdlalo.
Ebuzwa ngalokhu uBaxter ngemuva komdlalo, uthe yena ubezomchiliza uManyama bese iphenathi ishaywe ngomunye.
“Impendulo kulowo mbuzo ithi cha. Sinabadlali abane noma abahlanu okuyibo abashaya amaphenathi,” kusho lo mqeqeshi onemnyaka engu-68.
“Uma sebesenkundleni kuba khona othi yena uzoyishaya, akukho engingakwenza ngalokho ngoba basuke bekuxoxa bodwa.
FUNDA NALA: URamoreboli uwuqale kahle umsebenzi wakhe omusha eBotswana ewina ngo 2-0
“Ngicabanga ukuthi kumele sibalalele abadlali, kodwa ukube bengungomunye wabadlali, bengizomdudulela eceleni uLebo ngoba usanda kubuya ekulimaleni.
“Ngicabanga ukuthi ukumnika lo msebenzi onzima kangaka bengungafanele. Ukube bengisenkundleni, bengingeke ngimvumele.
“Kodwa uLebo ungumuntu ozethembayo cishe kuthe uma efika kulo, walibamba ibhola wezwa ukuthi leli engalibeka enethini.”