UBaxter uthi uzohamba kuphela uma kuthanda yena noma uKaizer

UBaxter uthi uzohamba kuphela uma kuthanda yena noma uKaizer
UStuart Baxter
OkaDonga Gumbi

Akakugqizi qakala umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ukuhhahhanyezwa ngabalandeli abafuna aphume aphele kuleli qembu laseNaturena.

UBaxter uphume enkundleni eFNB Stadium ngoMgqibelo esephelezelwa ngezinhlamba ngabalandeli abangaseneme ngaye.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iChiefs iphendulwe iminqolo yiSuperSport United eyishayele ekhaya ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership. 

“Anginawo umlayezo engingawubhekisa kubalandeli ngoba uma befuna ngihambe, ngizohamba,” usho kanje uBaxter ebuzwa ngalokhu.

“Uma kufika usihlalo weqembu (uKaizer Motaung) ethi, ‘Ngicabanga ukuthi awenzi umsebenzi omuhle’, ngizobe sengishiya ke. Anginankinga nalokho. 

“Ngizozishiyela ngokuthula uma ngibona sengathi angisalisizi iqembu ngendlela efanele. Ngizohamba, anginankinga nalokho.”

UBaxter ube esesho into engase ihlikihle usawoti esilondeni kubalandeli njengoba eziveze njengomsindisi, ingelosi ethunywe ukuzophulukisa leli qembu.  

FUNDA NALA: IRichards Bay ibuyele eqhulwini kwiGladAfrica Championship

“Yimina kuphela umqeqeshi olethe impumelelo kuleli qembu eminyakeni engu-20 edlule. Kodwa manje ngoba nakhu besidlala kahle, siwuphethe umdlalo kodwa sahlulwa ngo 1-0 sekumele ngihambe?

“Kumele ngilalele lokho mina? Kulungile. Bangabalandeli futhi banelungelo lokusho abakuthandayo. Uma lokho kuhambisana nalokho okucatshangwa usihlalo nabadlali, mhlawumbe kumele ke ngihambe.

“Kodwa lokho akuyona into enganqunywa idlanzana labalandeli, yinto ezinqunywa yiqembu. Uma ngiba nomuzwa (wokuthi iqembu alisangifuni) ngizohamba.

“Kodwa njengamanje mina ngibona kuwumdlalo obekumele siwuwine kodwa akwengenzeka ngoba yizinto zakhona ebholeni lezo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.